I-Australia ne-France ezinhlelweni zokuthola eyegolide kuma-Olympics

Lubhalwe nguLucky Vince Pienaar

Amaphaphu aphezulu ngomdlalo wama-Olympics e-Paris ozoba ngo-2024 njengoba uMichael Hooper no-Antoine Dupont bememezele ukuthi bazodlalela amazwe abo.

Kodwa kuze kube imanje ibhola lomboxo laseNingizimu Africa alikakaphenduli lutho.

Kunoma imuphi umuntu othanda ezemidlalo eNingizimu Afrika odinga ukukhunjuzwa, ama-Olympics ahamba phambili.

Ama-Olympics afika kanye njalo eminyakeni emine. Akulona nje kuphela ithuba lokugqama kwebhola lombhoxo laseNingizimu Afrika, kodwa futhi lingelinye lamathuba ambalwa okuthi iNingizimu Afrika iwine indondo yegolide.

Ukwehla kokudlala kweNingizimu Africa kuma-Sevens kwasukela ngemuva kwama-Olympics ka-2020 abanjwa ngo-2021 ngesikhathi iNingizimu Afrika ihluleka ukuthola indondo yegolide njengamanje ayinayo indondo nhlobo.

Kusukela lapho bilokhu yehla njalo indlela edlala ngayo.

Njengamanje iNingizimu Afrika inelinye ithuba, kodwa kuzodingeka bazimisele ukuze kwenzeke konke abakufunayo.

AmaBhokobhoko abhekene nengwadla njengoba engeke akwazi nokungena kulemidlalo. INingizimu Afrika ilwela ukungena emaqenjini angu-12 azoqhudelana kule midlalo.

AmaBhokobhoko ashaye i-England ngo-2017 kwase kuba i-Fiji ngo-2018 bagcina ngaleyo minyaka ukuba ngompetha be-HSBC sevens.

Futhi kuba nzima kakhulu nsuku zonke.

UMichael Hooper omunye wokaputeni abakhuthaza kakhulu ebholeni lombhoxo kuma-Wallabies, owakhishwa ngendlela emangalisayo ngu-Eddie Jones eqenjini lombhoxo leNdebe Yomhlaba, uzosiza eqenjini labadlali base-Australia abazongena kumqhudelwano wama-sevens ngonyaka ozayo.

U-Antoine Dupont ongowase-France futhi othathwa abaningi njengomdlali webhola lombhoxo okhuthele kunabo bonke emhlabeni, uzongena kwi-France emdlalweni wama-Olympics sevens  e-Paris ngo-2024.

Yize iNingizimu Afrika kuze kube imanje ingakaze ikhombise ukulithakasela iqembu le-Blitzboks sevens, futhi okumangazayo ibonakala ingenandaba nendondo yegolide yama-Olympics.

UHooper noDupont ibona abokuqala, kodwa amahlebezi athi abadlali ababili beNdebe Yomhlaba yase-England bazobonakala kuma-Olympics.

Akekho owaziyo ukuthi iNew Zealand izokwenzani, kodwa kona izomangaza.

ENingizimu Afrika? Ake ucabange uCheslin Kolbe, uKwagga Smith, uCobus Reinach, uKurt-Lee Arendse noma uSacha Mngomezulu besukuma bemela lelizwe.

Kodwa-ke noma benamandla mhlawumbe abanandaba nokungena emdlalweni yama-Olympics.

Isithombe esingenhla: UMichael Hooper no-Antoine Dupont.

Umthombo wesithombe: X

Scrolla World Cup Quiz