I-Australia iwubheke ngabomvu owayo namaProteas 

Lubhalwe e nguRazeen Gutta

Ihlazo le-sandpaper lizwakala njengento yakudala, kodwa lolo chungechunge olubi kwaba ngelokugcina lapho elakuleli ne-Australia ezabhekana khona kukhilikithi. Kulokhu, amaProteas angaphansi ngamaphuzu futhi osokhaya bafuna ukukufakazela lokho.

Ngelinye ilanga eKapa eminyakeni emine edlule kwazamazama umhlaba wekhilikithi – ngesikhathi amalungu eqembu lase-Australia esebenzisa i-sandpaper ebholeni emzamweni wokuthola ithuba lokuphosa elingafanele.

Ngemuva kokuba ngomunye wabadlali osekuphele unyaka bengadlali ngemuva kwalesi sigameko, uSteve Smith uthi konke sekwedlule.

“Ikhilikithi esiyidlalile eminyakeni emine nohhafu edlule, siyidlale ngendlela efanele. Sisebenze kanzima futhi sasidlala ngomoya olungile,” esho.

USmith ngeke abe ukaputeni weqembu njengoba uPat Cummins esezobuya ekulimaleni futhi uzogxila ekuqhubekeni nefomu yakhe ochungechungeni lwe-West Indies lapho ashaye khona ama-runs ayikhulu kabili.

“Ngiyethemba ukuthi sizoqhubeka ngendlela esiqale ngayo ihlobo. Ngizizwa ngisendaweni enhle, ngizizwa sengathi ngisefomini kahle. Ngakho kithina akukho okushintshile; sizoqhubeka nokwenza umsebenzi wethu ngethemba lokudlala kahle ikhilikithi ethokozisayo,” engeza.

Imidlalo yokuqala kwemithathu izoqala e-The Gabba e-Brisbane ekuseni ngoMgqibelo, kanti yonke imidlalo izosakazwa bukhoma ku-SuperSport kubabukeli bakuleli.

Esithombeni esingenhla: USteve Smith

Umthombo wesithombe: @Sport360

Izihloko zakamuva