I-Australia isihoxile ekusingatheni imidlalo yamaCommonwealth

Isifundazwe sase-Australia, i-Victoria sihoxile ekusingatheni imidlalo yama-Commonwealth ka-2026, sibala izindleko ezimba eqolo eziye zafinyelela ku-$7 billion (R125 billion).

Lesi sinqumo sichazwe “njengesidumaza kakhulu” yi-Commonwealth Games Federation (CGF).

UNdunankulu wase-Victoria, uDaniel Andrews uthe le mali ebihlelelwe ebingu-$2.6 billion, izoqondiswa kabusha kwingqalasizinda yezezindlu nezemidlalo.

I-CGF izigxekile izizathu zika-Andrews zokuhoxa, yathi banikezwe isaziso samahora ayisishiyagalombili kuphela mayelana nesinqumo. Le nhlangano izwakalise ukuphoxeka ngokuthi akuzange kuxoxwe ngaphambilini ukuze kutholakale izixazululo ngokuhlanganyela.

I-CGF iphinde yagqamisa ukuthi isinqumo sikahulumeni sokufaka imidlalo eyengeziwe, kanye nezinhlelo zokushintsha izindawo zenze izindleko zanda kakhulu. I-CGF ithe yeluleka ngokumelene nalokhu.

U-Andrews uthe ngisho no-$7 billion ngeke uyixhase ngokwanele le midlalo.

UNdunankulu wase-Australia, u-Anthony Albanese uyekele kuhulumeni wase-Victorian ukuze athole imininingwane futhi wagcizelela irekhodi eliqinile lase-Australia lokusingatha imicimbi, okuhlanganisa neNdebe Yomhlaba yebhola lezinyawo labesifazane ezayo kanye nama-Olympics ango-2032 e-Brisbane.

Ezinye izifundazwe zase-Australia zikuchithile ukuthi ngeke isingathe le midlalo, nokushiye ukunhabaza ngekusasa lama-Commonwealth Games ka-2026.

UCraig Phillips, oyi-CEO ye-Commonwealth Games Australia, uzwakalise ukumangala ngezilinganiso zezindleko ezintsha futhi wakuthatha njengehaba elibi.

U-Andrews uchaze ukuthi ukuthutha le midlalo iye e-Melbourne bekuzonyusa izindleko zifike ku-$4 billion, okwenza kungenzeki.

Izimali ezabiwe manje sezizosetshenziselwa ukwakha izikhungo zezemidlalo ezihlala unomphela kanye nokuhlinzeka ngezindlu zomphakathi nezingabizi kakhulu esifundeni sase-Victoria.

Ukuhoxiswa kweMidlalo yama-Commonwealth sekudale ukugxekwa, njengoba umholi weqembu eliphikisayo e-Victoria ekubize “ngehlazo elikhulu”.

I-Victorian Greens isole uhulumeni Wezabasebenzi ngokumosha izinsiza ebezingatshalwa emphakathini nakwizindlu ezingabizi kakhulu.

Luhlanganiswe ngumbhali we-staff

Esithombeni esingenhla: Imidlalo yama-Commonwealth

Izihloko zakamuva