I-Australia isabambe ifomu enhle kowe-Ashes

Lubhalwe nguRazeen Gutta

Isimo sezulu sase-Manchester sibe nomthelela emdlalweni wesine we-Ashes njengoba imvula ithathe indawo eNgilandi ngaphandle kwama-overs ngeSonto elimnyama e-Old Trafford.

Ngesikhathi osokhaya begcina ukuwina kowe-Ashes kwakungu-2015; futhi njengoba bengakwazanga ukuwina kulo nyaka bazophinde bazame ngokuzayo emqhudelwaneni ozoba ngo-2025.

Ku-214/5 kanye nama-runs angu-61 emuva i-Australia ishaywe kulokhu. Kodwa naphezu kokukhuphuka kwezinsdlelo nge-bat nebhola iNgilandi ayikwazanga ukuwina ngale kwezimo zayo zezulu.

Isibikezelo sezulu siye sathembeka futhi ayikho ingxenye yosuku lwesihlanu ephakamise noma yiliphi ithuba lomphumela.

Ukudlala ngokulingana kushiya ilungelo lokudlala okwamanje, i-Australia ibihamba phambili ngo 2-1 futhi ifuna ukuwina uchungechunge lwasekuhambeni e-London ngesonto elizayo – into abazoyithola uma befuna ukugwema ukuhlulwa.

Ngakolunye uhlangothi, iNgilandi izobheka emuva kulokho kumenyezelwa kwe-innings yokuqala ngosuku lokuqala lwalolu chungechunge. Ingabe basheshe babiza ama-innings ngaleso sikhathi futhi sekwephuze kakhulu manje? Kodwa-ke uBen Stokes akazisoli.

“Ukubakhipha ku-320 nokuthi sithole u-590 akukho okuningi esingakwenza. Sizoba nokuziqhenya okukhulu esingakudlalela emdlalweni olandelayo,” kusho ukapteni weNgilandi.

Ebuzwa ukuthi uyazisola yini ngesimemezelo sokuqala kule midlalo, uphendule wathi, “Cha.

Esithombeni esingenhla: Inkundla yezemidlalo i-Old Trafford

Umthombo wesithombe: @TheBarmyArmy

Izihloko zakamuva