I-Australia iphendule iNgilandi ihlazo kowe-Ashes

Lubhalwe nguRazeen Gutta

Izindlela zokudlala eziqhathanisekayo, izinqumo ezibalulekile ezingahambanga kahle kanye nemvula eningi kube nomthelela ezinsukwini ezinhlanu zemidlalo yekhilikithi njengoba i-Australia iguqise iNgilandi emidlalweni wokuvula we-Ashes.

Bekuwumdlalo othokozisayo futhi bekuseyisiqalo nje.

Ngemuva kokuthi iseshini yokuqala imiswe ngenxa yemvula, amaseshini amabili okugcina engeziwe ebezokwanela ukukhiqiza umphumela.

U-Usman Khawaja kanye ne-Australia badlale ama-innings ehlanganisiwe begxile kakhulu ekuzinzeni nasekuhlaseleni kweNgilandi esikhundleni sokwakha amaphuzu.

UKhawaja ubemuhle emabholeni akhe angu-65 kwi-innings yakhe yama-runs ayikhulu kodwa ngesikhathi uBen Stokes emkhipha enkundleni umdlalo uye washintsha.

Ngo-230/8 sekusele ihora ukuthi umdlalo uphele kubonakale sengathi osokhaya bazophephula bebhale omunye umlando wase-Birmingham phambi kwabalandeli babo. Kodwa uPat Cummins ubenezinye izinhlelo.

Ukaputeni obevakashile udlale kahle kakhulu ngama-runs angu-44 emabholeni angu-73 ehambisana noNathan Lyon (16 off 28) ngesikhathi laba ababili bebhekene nengcindezi yebhola elisha kanye nabalandeli abaningi e-Edgbaston ukudlula i-Australia.

Isikhathi besisiningi ekugcineni futhi kungenzeka ukuthi iNgilandi ishaye ama-innings isikhathi eside osukwini lokuqala esikhundleni sokulwela ama-innings angu-393/8.

Leso sinqumo kanye namanye amathuba alahliwe kuzoba ingxoxo enkulu kule midlalo.

Kodwa kubalandeli bezemidlalo, le midlalo ikhiqize ukuzijabulisa futhi izokhumbuleka inguna phakade njengesikhangiso sangempela sekhilikithi.

Umdlalo wesibili uzoqala ngoLwesithathu ngomhlaka-28 kuNhlangulana bukhoma ku-Lords.

Esithombeni esingenhla: UPat Cummins

Umthombo wesithombe: @CricCrazyJohns

Izihloko zakamuva