I-Australia idle umhlanganiso kowe-ICC World Test

Lubhalwe nguRazeen Gutta

I-Australia iwine ngamalengiso ngesikhathi ithola ama-runs angu-209 ihlula i-India ngosuku lwesihlanu kowamanqamu we-ICC World Test Championship e-Oval ngeSonto.

Bekusamele kudlalwe owokugcina kodwa uVirat Kohli no-Ajinkya Rahane bangene enkundleni beshisa ngesikhathi i-India ithola u-160/3 ijaha irekhodi le-innings yesine engu-444 ekuqaleni kosuku.

UScott Boland uphendule umdlalo ngokuphelele wavumela i-Australia yahola phambili imizuzu engu-30 umdlalo uqalile kodwa-ke, uthole amawikhethi amabili amakhulu kwi-over eyodwa wakhipha uVirat Kohli (49) noRavindra Jadeja (0).

I-India isuke ku-179/3 yaya ku-234 ngaphambi kwesidlo sasemini ngesikhathi uNathan Lyon noMitchell Starc befaka i-India ngaphansi kwengcindezi.

Ukuwina kuqala ihlobo elihle kakhulu le-Australia eNgilandi ngomdlalo we-Ashes kusasele isonto. Ngesikhathi ephakamisa isicoco ukaputeni uPat Cummins ubejabule kakhulu.

“Sikwenze konke ngokulahlekelwa i-toss. Besizophosa. Indlela uTravis noSmithy abenze ngayo kulo mdlalo basinikeze induduzo ngemuva kokushaywa uvalo ekuseni,” esho.

“Wonke umuntu udlale indima yakhe kahle kakhulu. Uma siphuma ekhefini wonke umuntu wenze isinqumo esihle lapho obekudingeka khona. Wonke umuntu udlale kahle futhi lokhu sizokuthokozela iminyaka embalwa ngaphambi kokuthi sibuyele kowe-Ashes.”

“Lena ifomethi eyintandokazi kithi; sikhule sibukela imidlalo yekhilikithi. Ikubekela inselele. Uma uwinile, ifomethi ekujabulisa kakhulu. Siyakuthanda ukudlala.”

Esithombeni esingenhla: I-Australia iphakamisa isicoco 

Umthombo wesithombe: @ICC

Izihloko zakamuva