Arthur Greene
Ubulungu beMali ku-African Union bumiswe ngokushesha futhi izwe selisatshiswa ngokujeziswa kulandela ukuvukela umbuso kwalo okwesibili ezinyangeni eziyisishiyagalolunye.
Esitatimendeni esikhishwe ngoLwesibili, i-AU “ithathe isinqumo sokumisa i-Republic of Mali ngokushesha ekubambeni iqhaza kuyo yonke imisebenzi ye-African Union, izinhlaka zayo kanye nezikhungo zayo, kuze kube kubuyiswa umthethosisekelo ngokujwayelekile ezweni.”
Lesi sitatimende siqhubeke nokucela ukuthi amasosha ase-Mali “abuyele ngokushesha futhi ngaphandle kwemibandela enkanjini, futhi ayeke ukugxambukela ezinkambisweni zezepolitiki e-Mali.”
UMkhandlu Wezokuthula Nokuvikeleka we-AU usigxekile lesi sisenzo “ngamagama aqinile.”
Lesi sinqumo silandela ukuxoshwa kwe-Mali kolunye uhlaka lwamazwe omhlaba, i-Economic Community of West African States (i-ECOWAS).
NgoNcwaba odlule, uColonel Assimi Goita wahola amasosha aketula umbuso kaMengameli u-Ibrahim Boubacar Keita, kulandela imibhikisho emikhulu yezinsolo zenkohlakalo.
Ngemuva kokuthathwa kombuso, uGoita uvumile ukubeka izakhamizi ezikhundleni zenhloko yezwe ngaphansi kwengcindezi evela ku-ECOWAS.
Uphinde wathembisa ukuthi i-Mali izobamba ukhetho ekuqaleni konyaka wezi-2022.
Ngesonto eledlule, uGoita wavusa uthuthuva emazweni omhlaba ngemuva kokuthi amasosha ebophe uMengameli wesikhashana, uBah Ndaw, kanye noNdunankulu uMoctar Ouane.
Bobabili badedelwe ngoLwesine kodwa amasosha awacindezela womabili la madoda ukuthi ashiye ezikhundleni zawo.
Inkantolo yomthethosisekelo yase-Mali yafaka uGoita njengoMengameli wezwe.
Umbutho wezempi uthe kuleli sonto usahlose ukuthi kubanjwe ukhetho lukaMengameli ngonyaka ozayo, kodwa uhlelo lwezikhathi lusengashintshwa.
Omakhelwane be-Mali kanye namazwe omhlaba bakhathazekile ukuthi lokhu kuzoba esinye sezithembiso zikaGoita ezingafezekanga.
Umthombo wesithombe: @AJEnglish