Razeen Gutta
UMoustapha Cisse wase-Guinea ushayele i-Atalanta igoli lokuwina sekuhambe isikhathi emdlalweni wakhe wokuqala we-Serie A bedlala ne-Bologna.
Lo mdlali (18) wasayiniswa yi-Atalanta academy ekupheleni kukaNhlolanja futhi usisebenzise kahle isikhathi sakhe enkundleni eqenjini elikhulu.
UCisse ungene ngemuva kwehora imiphumela kungu 0-0 futhi kumthathe imizuzu engaphezudlwana kwengu-15 ukushaya igoli.
Ngesikhathi sekuphela umdlalo ozakwabo bamqukulile bemjabulela futhi umsizi womqeqeshi uTullio Gritti ukhulume kahle ngokuba khona kwakhe ngaphakathi nangaphandle kwenkundla.
“Ngaphandle kwamakhono akhe amahle ebhola, ungumdlali ohlukile. Ufike e-Bergamo wabe eseziqeqesha nathi, futhi unesizotha kakhulu. Ukuba nesizotha kwakhe kuyisibonelo naphezu kokuthi impilo ibingelula kuye,” kusho uGritti kwi-Sportstar.
“Ungumuntu olungile ozimisele ngokufunda. Unamakhono amahle, kanti namuhla ushaye igoli njengompetha.”
U-Antonio Palma, uMengameli we-ASD Rinascita Refugees lapho uCisse adlala khona, uye wavuleleka mayelana nokukhuphukela phezulu kwalo mdlali.
“Ngemuva kochungechunge lwezinto zomndeni, okuhlanganisa nokushona kukayise, uMoustapha wayeka isikole esemncane futhi wahamba e-Guinea wayofuna impilo engcono.”
“Ngesikhathi esifushane, ube ngomunye wabadlali bethu bebhola ababalulekile. Ubehlale egcina ibhodi lokusayina, ubengumdlali wethu ongcono kakhulu,” kusho uPalma.
Igoli likaCisse lisize i-Atalanta ukuthi ikhuphukele endaweni yesihlanu kwi-Serie A ngokuwina okuhle ngo 1-0 ukuze ifinyelele kumaphuzu ayisishiyagalombili kwi-Juventus esendaweni yesine futhi esasalelwe umdlalo.
Umthombo wesithombe: @Goal