I-Aston Martin yenza kahle kakhulu emijahweni yezimoto  

Lubhalwe nguDylan Bettencourt
Umhleli wezemidlalo

Ngaphambi komjaho we-Bahrain Grand Prix abalandeli be-Fomula 1 bebezoxolelwa ngokungakholelwa kwi-Aston Martin.

Kodwa-ke, inkolelo yokuthi i-Aston izokwenza kahle kakhulu kulo nyaka iyanda.

Bekunamahlebezi wokuthi i-Aston Martin ibe nezinguquko ezibalulekile emotweni yayo ngaphambi kwesizini yakulo nyaka kulo mdlalo.

Akekho obebulindele ubukhulu bentuthuko.

Ukusebenzisa umpetha womhlaba amahlandla amabili u-Fernando Alonso kube nomphumela osheshayo njengoba lo mshayeli wase-Spain ephume endaweni yesithathu.

Okuhlaba umxhwele nakakhulu uLance Stroll ojwayele ukuphuma endaweni yesithupha naphezu kokuphuka kwesihlakala nozwane.

ULance oyindodana yomnikazi weqembu uLawrence Stroll weqiwe ukuhlolwa ngenxa yokulimala kwakhe kodwa ukwazile ukuqeda phezulu.

Igridi yonke isale ishaqekile ngandlela thize ngemuva kokugijima kahle kwe-Aston Martin ngenkolelo yokuthi manje kungenzeka kube imoto yesibili eshesha kakhulu kwigridi.

Futhi kunesizathu esihle kakhulu salokho njengoba imoto yamanje i-Aston Martin ifana kakhulu neye-Red Bull.

Ngesizini edlule, onjiniyela abambalwa be-Red Bull bashiya bayosebenzela i-Aston Martin futhi kubonakala sengathi imibono yabo ibasebenzele kahle.

Lokhu kubonakale ngesikhathi umphathi weqembu le-Red Bull uChristian Horner ekhuluma ngokukhathazeka kwakhe ngemuva komjaho wangeSonto.

“Bathi ukulingisa yiyona ndlela enkulu yokuwina futhi kuhle ukubona imoto endala yenza kahle,” esho.

Ngemuva komjaho umshayeli we-Red Bull, uSergio Perez uye waphawula naye wathi “bekumnandi ukubona abashayeli abathathu be-Red Bull bephuma phambili.”

Manje noma yikuphi ukulingiswa kwanoma yiliphi elinye iqembu kungaba ukwephulwa kwemithetho futhi ithimba le-Aston Martin alikwazi ukukopisha.

Ngesizini yango-2020 leli qembu phambilini elalibizwa ngokuthi i-Racing Point lahlawuliswa ama-euro angu-400,000 (R7.8 million) ngabaphathi lase liphucwa amaphuzu angu-15  ngokulingisa amabhuleki e-Mercedes ango-2019.

Uma kungekho mithetho ephuliwe, i-Aston Martin izokwenza kahle kakhulu kule sizini.

Esithombeni esingenhla: UFernando Alonso 

Umthombo wesithombe: Aston Martin F1

Izihloko zakamuva