Lubhalwe nguDylan Bettencourt
Cishe ngemuva kweminyaka engamashumi amabili i-Arsenal ingase iphinde iwine isicoco se-English Premier League.
Ngo-2004 leli qembu lase-North London laba iqembu lokuqala ukunqoba iligi ngaphandle kokuhlulwa ngisho umdlalo owodwa, lagcina selaziwa njengeqembu okungelula ukulihlula. Ilona kuphela iqembu elazuza lokho kuhlonishwa.
Kodwa-ke iminyaka engu-18 ilandelana ayizange ithele izithelo ezinhle kuma-Gunners asalokhu elwela ukuphinda ukunqoba kwawo iligi kusukela ngaleso sikhathi.
Ngemuva kweminyaka ehambisana nobuhlungu benhliziyo, i-Arsenal ibukeka isendleleni enhle yokuba ngompetha baseNgilandi futhi.
Ngemuva kokuhamba komphathi obesehlale isikhathi eside u-Arsene Wenger, umphathi osemncane uMikel Arteta ulethwe ukuzoqinisa umkhumbi.
Ngemuva kwesikhashana ephethe u-Arteta ekugcineni uyawubona umsebenzi wakhe njengoba i-Arsenal ihamba phambili ngamaphuzu ayisikhombisa esicongweni.
I-Arsenal isahlulwe emdlalweni owodwa isizini yonke kanti njengoba izimbangi zayo i-Manchester City zinamabatha abalandeli beqembu lase-London sebeqala ukuphupha ngosuku lapho bezowina i-English Premier League.
Ukube lokhu babekucabanga ngonyaka odlule ukuthi i-Arsenal ingawina iligi akekho obengakholwa kunalokho bekuzoqhuma insini, kodwa ngemuva kwempelasonto edlule kubukeka njengento engenzeka ngempela.
Ikhefu leNdebe Yomhlaba ye-Fifa alizange liwaphazamise ama-Gunners njengoba ekhombise amandla ehlula i-Brighton & Hove Albion ngamagoli amane kwamabili emdlalweni wokugcina ka-2022.
I-Manchester City okuyilona kuphela iqembu elingamisa i-Arsenal kabi kubukeka sengathi ithikamezekile ngemuva kwekhefu leNdebe yoMhlaba, kanti futhi ilahle amaphuzu ngesikhathi iqeda umdlalo zintanganye ne-Everton.
Yize luselude uhambo okusamele luhanjwe ngaphambi kokuphela kwesizini, i-Arsenal ayibukeki izohlulwa maduze ngendlela edlala ngayo.
Isikwati sika-Arteta esifaka uBukayo Saka, uMartin Ødegaard, uGabriel Martinelli, uWilliam Saliba, noThomas Partey sibukeka sizakahle.
Okunye okuhlomulise leli qembu ukwehla kwezinga lebhola kwi-UEFA Champions League. Leli qembu likhona ku-Europa League, kodwa ukwehla komgqigqo kuvumela u-Arteta ukuthi enze izinguquko eqenjini njengoba kudingeka.
I-Arsenal izobhekana nemidlalo elandelayo enzima njengoba izodudulana ne-Newcastle United esendaweni yesithathu ngoLwesibili ngaphambi komdlalo wase-North London ne-Tottenham Hotspur.
Angeke kube lula neze kuma-Gunners ngemuva kwalokhu njengoba kumele abhekane ne-Manchester United edlala kahle.
Akungabazeki ukuthi bazofaka uvalo ezinhliziyweni zawo wonke amaqembu abazobhekana nawo.
Isithombe esingenhla: Imigubho ye-Arsenal iqeda kunqoba
Umthombo wesithombe: @Arsenal