Lubhalwe nguDylan Bettencourt
Umbango wendawo ephezulu kwe-Premier League ubungeke ufike ngesikhathi esingcono kwi-Arsenal.
Ngemuva kokulahla amaphuzu emidlalweni emithathu yokugcina, i-Arsenal ilahlekelwe umfutho wayo esicongweni.
Ihlezi phezulu etafuleni nomdlalo owodwa kuphela esandleni, kodwa manje ihamba phambili ngamaphuzu amathathu kuphela kwi-Manchester City.
Namhlanje ebusuku amaqembu amabili aphezulu etafuleni azobhekana enkundleni yezemidlalo i-Emirates.
Uma i-Arsenal ikwazile ukuwathola wonke amaphuzu amathathu, ngaphandle kokungabaza kuzoba umfutho ewudingayo ukuze iqhubeke isizini yonke.
Noma uma ihluliwe, kungabakhuthaza ukuthi akukacaci kahle ukuthi bami kuphi futhi lokho kungayenza izimisele kakhulu.
UMikel Arteta neqembu lakhe le-Arsenal babekezelela ukwehla kwabo kokuqala kanye nesivivinyo sabo sokuqala sangempela sesizini.
Mhlawumbe ukuba ngompetha be-Premier League kuwumsebenzi onzima kunayo yonke, kodwa ukuze babe ngompetha kusho ukuthi kufanele bawine ngezikhathi ezinzima.
Lesi isikhathi esincomekayo kakhulu se-Arsenal ngesizini engaba umlando. Uma bengasiphatha kahle lesi sikhathi, bangaba ompetha futhi. Njengoba besho ukuthi kuba mnyama kakhulu uma sekuzosa.
Kodwa-ke, uma behlulwa ingcindezi futhi bevumela i-City ukuthi ibadlule, kuzoba isizini okuzomele bayikhohlwe.
Njengoba i-Arsenal idlale imidlalo engu-17, ingxenye esele yesizini izoba umshikashika wokukhombisa ukuthi bangompetha abafanele.
I-Arsenal yagcina ukuphakamisa isicoco se-Premier League ngo-2004 futhi lokho yakwenza ngaphandle kokuhlulwa ngisho nakowodwa umdlalo.
Kule sizini, i-Arsenal ihlulwe emidlalweni emibili kuphela futhi izothemba ukuthi kuzohlala kunjalo ngemuva komdlalo wanamhlanje ebusuku.
Esithombeni esingenhla: Umdlalo wangaphambilini phakathi kwe-Arsenal ne-Manchester City kwi-FA Cup
Umthombo wesithombe: @Arsenal