
Lubhalwe nguDylan Bettencourt
Umhleli wezemidlalo
I-Manchester City isalelwe ukuwina kanye kuphela ukuze ithole isicoco se-Premier League kodwa i-Arsenal nabalandeli bayo basengaziqhenya ngemizamo yabo.
Ngesikhathi isizini iqala bambalwa kakhulu ababenomuzwa wokuthi i-Arsenal izoba kwamane ahamba phambili ingasaphathwa eyokuhola umjaho wesicoco isizini yonke.
Umqeqeshi uMikel Arteta uhole i-Arsenal ezikhathini ezinzima futhi uye waguqula iqembu laba ngelinye lamaqembu ahamba phambili kwiligi kule sizini – ngokungaphikiswa yilona elihamba phambili.
Kodwa-ke, ukudlala imidlalo emine ngaphandle kokuwina kuvumele uPep Guardiola kanye ne-Manchester City ukuthi bavale igebe lamaphuzu ayishumi ngaphambi kokuthi bagcine sebephezulu etafuleni.
Yize leli qembu lase-North London likhubekile iqembu nabalandeli balo bebenethemba lokuthi bengakuguqula lokhu.
I-Manchester City bekumele ikhathazeke nge-Uefa Champions League kanye ne-FA Cup kodwa ukuhlulwa i-Brighton & Hove Albion ngeSonto kuqede wonke amathemba okuwuna isicoco sayo sokuqala seligi kusukela ngo-2004.
Okufanele i-Manchester City ikwenze ukuwina omunye umdlalo owodwa noma igweme ukuhlulwa kwemithathu esele ukuze ivikele isicoco sayo sesithathu kulandelana.
Abalandeli be-Arsenal banalo lonke ilungelo lokuzizwa bephoxekile ngokuthi bahole iligi isikhathi eside baze balahlekelwa yiyo ekugcineni kodwa isithombe esikhulu sikhomba ikusasa eliqhakazile.
Ukwakheka kwempumelelo yale sizini kuzoba ukhiye kwi-Arsenal ukuthi iqhubeke nokuphonsela inselelo izindebe eminyakeni ezayo nokuthi iphinde izinze njengeqembu elihamba phambili eNgilandi.
Uma ubheka emuva embangweni we-Liverpool ne-Manchester City osudonse iminyaka emine, i-Arsenal ingaba izimbangi ezilandelayo ezibalulekile ze-Manchester.
I-Liverpool yalwa kanzima ukuthola isicoco sayo sokuqala se-Premier League ngo-2020 futhi uma i-Arsenal ingaguquki ingahlula i-Manchester City.
I-Arsenal nayo ingaziqhenya njengeqembu lesibili elihamba phambili kwiligi. I-Manchester City ihamba phambili futhi i-Arsenal ibafakele ingcindezi kwaze kwaba sekugcineni. Iqiniso ukuthi banabadlali abahamba phambili – okuhlanganisa nomgadli oyingozi kakhulu emhlabeni – umqeqeshi ohamba phambili kakhulu uPep Guardiola kanye nezwe elibasekayo.
Kodwa ukuze lokhu kube impumelelo eminyakeni ezayo i-Arsenal idinga ukuhlala igxile endleleni yayo yokuba iqembu elihamba phambili.
Esithombeni esingenhla: I-Arsenal
Umthombo wesithombe: Arsenal