Lubhalwe nguRazeen Gutta
Isizini entsha yebhola lezinyawo yaseNgilandi iqale kahle njengoba i-Arsenal iwine sekukhahlelwa amaphenathi kade idlala neMan City kwi-FA Community Shield e-Wembley.
I-Arsenal iphunyuke ngembobo yenaliti ngesikhathi uLeandro Trossard elinganisa amagoli ngomzuzu ka-101 ukuze ahoxise ifomu kaCole Palmer nokwenza ukuthi umdlalo uye kumaphenathi.
I-Man City ewine izicoco ezintathu ngesizini edlule ibiwuphethe umdlalo ngaphambi kokuthi uPalmer noKevin de Bruyne abasuke ebhentshini basizane ukushaya igoli lokuqala lomdlalo kusele imizuzu engu-15 ukuthi umdlalo uphele.
Ukushayisana ngamakhanda phakathi kukaThomas Partey noKyle Walker kwengeze eminye imizuzu eyisithupha ebalulekile ukuze i-Arsenal igcine ikwazile ukulinganisa.
I-Arsenal izozama ukushintsha indlela yokwenza njengoba ilwela ukucosha okuthile kulesizini.
Zilungiseleleni, ibhola libuyile!
Esithombeni esingenhla: I-Arsenal
Umthombo wesithombe: @jacobsben