I-Arsenal isanethemba lokuwina eseligi

Lubhalwe nguRazeen Gutta

I-Arsenal ibuyele efomini yayo ngesikhathi ihlula i-Chelsea ngo-3-1 kowe-London derby e-Emirates njengoba izimisele ukulwela isicoco sayo usuku nosuku.

UMartin Odegaard ube iqhawe njengoba i-Arsenal ishaye amagoli amabili engxenyeni yokuqala yehora.

UGabriel Jesus ushaye igoli lesithathu ngaphambi kwekhefu wahlikihla usawoti esilondeni se-Chelsea ngesikhathi umgadli wayo oqale umdlalo uPierre Emerick Aubameyang owayengumdlali we-Arsenal engaphumelelanga ukungena kulo mdlalo.

I-Arsenal ayikaze ihlulwe kwi-London derby kule sizini; futhi ibe iqembu lokuqala ukuwina imidlalo engu-150 ye-London derby kwi-Premier League.

I-Chelsea ilahlekelwe imidlalo eyisithupha selokhu uFrank Lampard ebuyile futhi isahleli endaweni yesi-12 ngamaphuzu angu-39 kuphela kanti inemidlalo emihlanu okufanele iyidlale.

I-Arsenal ibuyele phezulu futhi ihlukene ngephuzu elilodwa kuphela ne-Manchester City esalelwe imidlalo emibili.

Abalandeli be-Arsenal bazobukela bethule uma izimbangi zabo zase-London i-West Ham United ibhekana nompetha ngoLwesithathu ngethemba lokuthi kukhona okukhethekile okuzokwenzeka ngaphambi kwesonto lwemidlalo lesi-35.

Iqembu likaMikel Arteta lizobhekana ne-Newcastle United ngeSonto futhi uma izinto ziphinda zihamba ngendlela yazo bengavele bakholwe ukuthi umjaho wesicoco ungase uvune bona.

Esithombeni esingenhla: UMartin Odegaard

Umthombo wesithombe: @arsenal

Izihloko zakamuva