Joyina uRazeen Gutta embikweni wakhe wamasonto wonke wokufuduka kwabadlali okwenzeka kuleli naseYurophu.
EYurophu
I-Arsenal ayinazo izinhlelo zokusayinisa abadlali ngaphambi kokuvalwa kwewindi lokudayiselana ngabadlali langoMasingana, kusho umqeqeshi aeqembu uMikel Arteta.
Njengoba izikhulu zaseYurophu zibheke ukulwela ukwengezwa kwesikhathi sewindi ngomzuzu wokugcina, i-Arsenal izogxila kwinselelo yayo yokufuna isicoco ngaphandle kwabadlali abasha.
Ngesikhathi ekhuluma ne-TNT Sports, umqeqeshi we-Arsenal uthe ukuthengwa komdlali omusha bekungenakwenzeka kuleli windi, egcizelela ukubaluleka kokutholakala kwabadlali kusukela manje kuze kube sekupheleni komqhudelwano.
“Bekungenzeki … besingenawo amandla okuthuthukisa iqembu ngendlela esicabanga ukuthi sifuna ukulithuthukisa ngayo. Ngakho sinqume ukungenzi lutho,” kusho u-Arteta.
I-Aston Villa isayinise uMorgan Rogers oqhamuka ku-Middlesbrough.
Njengamanje, lo mdlali (21) ungumshayimagoli ohamba phambili kwi-Carabao Cup futhi ngokusho kwentatheli yezemidlalo yase-Italy uFabrizio Romano, i-Villa isifinyelele isivumelwaneni sokumsayinisa ngemuva kokunqatshwa izikhathi eziningi.
Ikusasa likaKarim Benzema kube indaba okukhulunywa ngayo kuleli windi njengoba lo mdlali wase-France ekhonjwe indlela ku-El Ittihad.
Kanti kuvela ukuthi i-Manchester United ne-Chelsea bamconsela amathe lo mdlali owake wagijima kwi-Real Madrid.
ENingizimu Afrika
Iwindi le-Premier Soccer League liphele ngaphambi kwesikhathi esijwayelekile ngenxa yemidlalo ye-Africa Cup of Nations eqhubekayo.
Usuku lomnqamulajuqu lwangoLwesihlanu ngomhlaka-26 kuMasingana lubone iMamelodi Sundowns iba sematheni ngokusayinisa isihlabani se-Orlando Pirates uThembinkosi Lorch ngo-R13-million.
Esithombeni esingenhla: UMikel Arteta
Umthombo wesithombe: @arsenalnewschan