Menzi Magubane
Umqeqeshi uMandla Ncikazi uzofuna amaphuzu aphezulu eqenjini lakhe leGolden Arrows ukuze ahambisane nezindaba ezimnandi abazithunyelelwe ngoMsombuluko.
Emidlalweni yabo eyisikhombisa yokugcina i-Arrows iqoqe amaphuzu ayi-16 ngokunqoba imidlalo emihlanu, badlala ngokulingana kowodwa baphinde bahlulwa kowodwa.
Abafana Bes’thende baqinisekiswe yi-Premier Soccer League njengabaphumelele ikota yesibili ye-DStv Premiership Q-innovation.
Bahambe nezigidi ezi-R1,5 okuzokhuthaza impela leli qembu elizinze eThekwini ukuthi liqhubeke nokwenza kahle kule sizini.
NgoLwesibili bazokwamukela iBlack Leopards esezansi kwetafula eSugar Ray Xulu Stadium e-Clermont ngehora le-5 ntambama.
I-Arrows izobe ithembele kumshayimagoli wayo ovelele uVelemseni Ndwandwe ngamagoli – lo mgadli useshaye amagoli amahlanu ngemuva kwemidlalo eyi-15.
Ukunqoba kwaBafana Bes’thende kuzobenza babambane endaweni yesibili neSuperSport United.
Ikhefu labo elide lizobasiza njengoba imidlalo iza ngobuningi futhi ngokushesha.
Emdlalweni wabo wokugcina esikhathini esingaphezu kwesonto eledlule banqobe ngamathathu kwelilodwa bebhekene neStellenbosch.
NgoMgqibelo iLidoda Duvha ihlulwe yiBaroka emdlalweni wase-Limpopo, okuwumdlalo wokuqala kaKostadin Papic njengomqeqeshi omusha weLeopards.
Lo mdlali wase-Serbia, oseqeqeshe amaqembu amaningi akuleli umenyezelwe ngoLwesine olwedlule njengomqeqeshi omusha weLeopards.
Esanda kuhlulwa kwi-derby, uPapic uzobhekana nomsebenzi omkhulu wokuzama ukutakula iLeopards ukuze ingehleli ezansi.
Umthombo wesithombe: @GoldenArrows