I-Apple ifake ingoma yase-Senegal ngaphansi kohlobo lwe-Afrikaans

Umculo we-Apple ubungazi ukuthi uzoyifaka kuphi ingoma yayo ye-Senegalese afrobeat band Sahad kanye ne-Nataal Patchwork.

Ngakhoke bavele bafaka ingoma i-Bitakola ngaphansi kohlobo lwe-Afrikaans.

Mhlampe badidwe ngu-Nataal osegameni le-band.

Kubonakale ngemuva kokuthi omunye umuntu akubone ku-Twitter ukuthi kukhona ushintsho olwenziwe.

USahad noNataal Patchwork baziwa ngengoma yabo abayenza kowezi-2019 i-Wall of China.

Bayinxenye yabaculi abasha base-Senegal abaphume kwi-Mbalax, umdanso womhlaba wonke wezwe oxube izinto eziningi.

Amanye amagama amakhulu kuleli qembu elisha yi-electro-fuelled trio Guiss Guiss Bou Bess kanye ne-experimantalist sound-maker Ibaaku.

Laba baculi konke lokhu bakuthathe kumkhulu we-mbalax uYoussou N’dour- kodwa manje basabalale kakhulu futhi baziqambela imisindo yabo emisha.

Esikwaziyo nje ukuthi, abakakulungeli ukuhlangana ne-Snotkop noma i-Fokofpolisiekar.

Izihloko zakamuva