I-Angola isolwa ngeziqu zomgunyathi

Sekuphele izinyanga izingxenye ezithile zase-Luanda zingenamanzi kodwa inkampani yamanzi igcwele onjiniyela abaneziqu ezinhle kakhulu.

Emasontweni amabili edlule umbuzo obukade udinga izimpendulo e-Angola usuphenduliwe U-Adalberto Costa Júnior umholi we-UNITA weqembu eliphikisayo elikhulu ngempela waqeda izifundo zakhe zobunjiniyela ngonyaka ka-1997 e-Porto School of Engineering enyakatho ne-Portugal waphasa ngo-55%. 

Lezi zindaba zidale inkulumo-mpikiswano. Kusukela eba ngumholi we-UNITA ngo-2017, izimbangi zezombangazwe ze-Costa bezimuhlasela ngamazwi zithi akakaze aziqede izifundo zakhe zobunjiniyela.

UCarlos Alberto oyintatheli evuma ngokusobala ukuthi ukhokhelwe emkhakheni wezobunhloli futhi ubehamba phambili echukuluza uCosta Júnior ethi akakwazi ukubizwa ngoSenhor Engenheiro noma uMR Engineer.

E-Angola iziqu zibaluleke kakhulu.

Uma ukhuluma nomuntu oneziqu umubiza ngokuthi uMnumzane noma uMadam uvulelwa icala elinzima kuMnyango kahulumeni ngaso sonke isikhathi kumele ubabize ngikuthi u-Doutor, u-Doutora noma ubabize ngoDokotela. 

Abantu base-Angola izinto eziningi bazifunda e-Portugal nase-Brazil okuyilapho abaningi abaneziqu ze-bachelor bebizwa ngokuthi ama-Doutor labo abane-PhD bbizwa ngoSolwazi noma uSolwazi onguDokotela.

UMengamli wokuqala wase-Angola u-Antonio Agostinho Neto wayenguDokotela kanye nembongi. Ngemuva kokubusa ngo-1975 noma ubani wayefuna ukuba imbongi eshicilelwe.

I-Angolan Writers Union yayigcwele amalungu eqembu elibusayo nawo ayebhala izinkondlo babembalwa ababhali bamanoveli abafaka izicelo njengoba kwathatha umzamo omkhulu ukubhala izinganekwane.

Esinye isifiso salabo abakhethiwe abasha ukubizwa ngoDokotela hhayi odokotela bezokwelapha, kodwa odokotela abaneziqu ze-undergraduate.

Ngesikhathi senkululeko kwakukhona iNyuvesi eyodwa kuphela futhi eyayibhekelela kakhulu izingane zezikhulu zamakoloni ezimhlophe.

UNeto yabulala abantu abaningi abafundile ngo-1977 iminyaka emibili ebusa ebasola ngokuhlela ukumketula.

Kwabulawa intsha eningi eyayifundile nesafunda ukuze ibe odokotela abasemthethweni.

Umphumela waba ukuthi izikhungo eziningi ezweni zaholwa izikhulu ezingakaphothuli izifundo zamabanga aphezulu. Nokho babefisa ngobuqotho ukubizwa ngokuthi ngoDokotela. 

INyuvesi entsha eqanjwe ngo-Agostinho Neto ngokwakhe yaqala ukukhipha odokotela ezifundweni zesintu hhayi ezezokwelapha ngokushesha okukhulu.

Kwaba neziqu zeminyaka emibili eNyuvesi ekhethekile zamalungu eqembu elibusayo sebeqedile baphikelela ngokuthi babizwe ngoDokotela. 

Abanye oSolwazi bakhala ngokuthi abanye babafundi  bakhushulelwa ezikhundleni eziphezulu.

AmaJaji ayengaqedile ukufunda ayengamele ukuqulwa kwamacala.

Ukufuna ukubizwa ngoDokotela kwsphoqa abaningi ukuthi bangaziqedeli izifundo zabo.

E-Luanda kunendawo lapho abesilisa abanamakhompiyutha namaphrinta begxile ekunikezeni ama-Diploma kunoma isiphi isifundo nakunoma iyiphi iNyuvesi.

Njengoba kungebona ubuhlakani ukuthi uthi uneziqu zesiNgisi ezivela e-Harvard noma e-Oxford kuyilapho ungasazi kahle isiNgisi abantu base-Angola abathenga iziqu zomgunyathi bakhethe amanyuvesi aseMelika nawase-Brazil angaziwa kangako.

Emjahweni wokuthola ama-diploma abantu base-Angola nabo baphuthume e-Portugal beyofunda ezikhungweni okwenze kwaba lula ukuthi bangene.

Baphindele e-Angola neziqu zobuDokoteka abangananazanga ukuziveza.

Uma kukhulunywa ngokuqagela ngama-diploma kunezibalo ezithile ezingathinteki emithonjeni yezindaba elawulwa nguhulumeni. Ngokusobala owayenguMengameli u-Eduardo dos Santos wafundela ubunjiniyela be-petroleum e-Baku e-Azerbaijan ezweni elaliyi-Soviet Union.

UDos Santos wayehlale ebizwa ngokuthi uSenhor Enginheiro noma ayengavamile ukukhuluma ngobunjiniyela futhi wayengakaze azwakale ekhuluma nelilodwa igama lase-Russia. 

UMengameli wamanje uJenene João Lourenço, wafundiswa e-Lenin Military Academy lapho athola khona iziqu ze-Masters emlandweni wezempi.

Naye akakaze akhulume ngezinsuku zakhe e-Moscow futhi akekho oke wabheka amamaki akhe.

Khonamanjalo izimbangi zika-Adalberto Costa Júnior azikaqedi ngodaba lwama-Diploma. Nakuba bevuma ukuthi uziqedile izifundo zakhe abanye bamgxeka ngokuthola isilinganiso samamaki okugcina, abanye baze babuze ukuthi i-Diploma ayithole ngemuva kweminyaka emithathu yokufunda ingathathwa njengeziqu.

Abantu base-Angola  bazovuma ukuthi ama-Diploma awayona inkomba ezoxazulula zonke izinkinga ababhekene nazo kunezingxenye enkabeni yedolobha i-Luanda osekunezinyanga zingenamanzi nokho kunenkampani yamanzi igcwele onjiniyela abanama-Diploma.

Izihloko zakamuva