I-ANC omalumephephetha: EFF

Celani Sikhakhane

I-EFF KwaZulu-Natal ikhwele yadilika kwi-ANC ngokushintsha amabala njengo nwabu ngemuva kokuthi iphumele obala yahalalisela uBlack Coffee kanti phambilini ike yamnyundela.

UMnu Vusi Khoza, ongumholi we-EFF ekwisiShayamthetho eKZN, ukhwele wadilika kwi-ANC wathi izikhombisile ukuthi “iyihlazo” ngokuzama ukuzuza ngempumelelo kaBlack Coffee ngemuva kokuzama ukulimaza ukusekwa kwakhe.

“Leli yihlazo ukuthi i-ANC ibilwela ukuketulwa kukaBlack Coffee esikhathini esedlule kodwa namhlanje, ngesikhathi ngoba imbona ephumelela emhlabeni wonke, ibona abaqalayo ukukhuluma ngokuthi uyisibonelo esihle,” kusho uKhoza.

Abaningi sebeyibonile impatho yakamuva ye-ANC kuMiss South Africa uLalela Mswane. Ngesikhathi uMswane ekhetha ukuya e-Israel ukuyongenela umncintiswano kaMiss Universe ngasekuqaleni konyaka, uhulumeni waseNingizimu Afrika wahoxisa ukumeseka.

Umbono wakuleli nge-Israel ucacile: ngonyaka odlule uMengameli uCyril Ramaphosa wathi i-Israel ingachazwa “njengezwe lobandlululo” ngenxa yendlela eyayiphatha ngayo abantu base-Palestine.

Kodwa-ke uKhoza uthe i-ANC kumele ithathe isinqumo esicace bha nge-Israel ngokuvala ihhovisi lenxusa layo imise ezohwebo esikhundleni sokukhomba abaculi.

Ngesikhathi uBlack Coffee ehlomula ngendondo ye-Grammy ngeSonto, ubuholi be-ANC nohulumeni waKwaZulu-Natal ngabanye babantu abamhalaliselile.

Lesi senzo sabo besiqhele kakhulu kunalokho abakwenza ngo-2018 ngesikhathi betshela abalandeli ukuthi badube umculo wakhe ngemuva kokucula kwikhonsathi e-Tel Aviv, e-Israel.

I-ANC kanye nohulumeni wayo wesifundazwe babhekene nezinsolo zokuzenzisa njengoba bechaze  uBlack Coffee ogama lakhe langempela nguNkosinathi Maphumulo “njengo munye oyisibonelo esihle entsheni yaseNingizimu Afrika” kuleli sonto.

Embukisweni wezindondo, uBlack Coffee ube nguDJ wokuqala wase-Afrika ukuwina emkhakheni we-Best Dance/Electronic Album nge-albhamu yakhe yesikhombisa, i-Subconsciously, eyakhishwa ngo-2021 efaka phakathi abaculi abafana noPharrell Williams, uDavid Guetta kanye noMsaki, phakathi kwabanye abaculi.

UNdunankulu waseKZN uSihle Zikalala uchaze uDJ Black Coffee “njengoDJ ohamba phambili emhlabeni jikelele” ngesikhathi emhalalisela ngoMsombuluko.

Izihloko zakamuva