
Sekuphele iminyaka iqembu elibusayo lihluleka ukufeza izithembiso zalo.
Eminyakeni engu-30 edlule intsha encane eyajutshwa ukuhola leli qembu ayigcinanga nje ngokuhluleka ukwenza lokho obekulindelekile, kodwa esikhathini esiningi ihlaze iqembu.
Kodwa leli qembu lihlale linethemba lokuthi kuzovela isizukulwane esisha sabaholi abazoshintsha leli qembu elibusayo.
Kule mpelasonto kugxilwe kuNgqongqoshe wezeMfundo e-Gauteng uPanyaza Lesufi, ozobhekana ngqo noNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nokuHlaliswa kwaBantu uLebogang Maile engqungqutheleni yokukhetha ubuholi be-ANC esifundazweni sase-Gauteng.
Umlando uveza ukuthi uLesufi cishe uzosiphoxa. Kodwa lokho kuphoxeka kwesikhathi esidlule kunganikeza ithuba lokufunda elibalulekile esizukulwaneni esilandelayo se-ANC.
Isibonelo nje indaba kaTony Yengeni wangena ePhalamende ngonyaka ka-1994 eneminyaka engu-40 futhi wabekwa njengoSotswebhu weqembu ngesikhathi i-ANC yayinenqwaba yabaholi abaphezulu.
Abadala be-ANC babemethemba uYengeni kangangoba waze waba nguSihlalo wekomiti elihlangene lezokuvikela ePhalamende.
Baphoxekile ngesikhathi kuvela ukuthi wamukele intshontsho komunye wababefake izicelo zohlelo lokuthengwa kwezikhali zika-R60 billion futhi wadonsa ejele ngaleli cala.
Ngemuva kwakhe kuvele isizukulwane sikaNgqongqoshe wezokuThutha uFikile Mbalula kanye noMalusi Gigaba owayengungqongqoshe wezeziMali.
UMbalula usasebenzela uhulumeni olokhu egudluzwa esuka komunye uMnyango aye komunye ngaphandle kokuningi okugqamile okuhlaba umxhwele noma impumelelo.
Eminyakeni emithathu edlule uNgqongqoshe wezokuthutha wehlulekile ukuvikela umzila omkhulu wezomnotho wezwe u-N3 osuka eThekwini uya eGoli. Lo mgwaqo usuphethwe izigebengu ezishisa amaloli, zibulale abashayeli futhi zifuna kukhishwe abashayeli bangaphandle embonini yamaloli.
Kule mpelasonto edlule lezi zigebengu zivale imizila yomibili kathelawayeka u-N3 nokwenze umnotho wadla imali engaphezu kuka-R300 million futhi akekho noyedwa umuntu oshushiswayo ngalokhu kucekelwa phansi.
UGigaba ungomunye okhulele kwi-ANC owayehlonishwa futhi ethathwa njengoMengameli wakusasa udalulwe embikweni wokulawulwa kombuso njengosize umndeni wakwaGupta wantshontsha izigidigidi zamarandi ezinhlakeni zikahulumeni.