I-ANC neSACP baphoqa ubudlelwano babo obumuncu

Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli wezepolitiki

Ubudlelwano obungazinzile bezepolitiki phakathi kwe-SACP ne-ANC buyaqhubeka yize phambilini i-SACP iye yasabisa ngokuqeda lobu budlelwano obungebuhle.

Umhlangano wezinsuku ezine wesigungu esiphezulu se-ANC (NEC) ubuyisele i-SACP eqenjini elikhulu le-ANC wathi isehlukaniso phakathi kwala maqembu amabili ngaphambi kokhetho lwango-2024 kuzoba isiphithiphithi.

Ilungu lesigungu esiphezulu se-ANC uFebe Potgieter utshele abezindaba ukuthi i-NEC enamalungu angu-87 yaxoxisana ngezikhalo ze-SACP yanquma ukuthi kuqhutshekwe ukuba nobudlelwano nayo.

“Umbono wethu ukuthi kungaba into engalungile ngezinhlelo zentuthuko nezinguquko ezweni ngoba lokho kuzobe kusho ukuthi amalungu e-ANC akhethe phakathi kwe-ANC ne-SACP.

“Sinobulungu obujule kakhulu, noma ubulungu obukabili kanye nobuholi obukabili,” kusho uPotgieter.

Uthe abanye abaholi be-SACP bamele i-ANC komasipala, ezinhlakeni zomphakathi, emawadini kanye nakuhulumeni wesifundazwe. Ngamanye amazwi kungaba isehlukaniso esibi kakhulu.

“Kuzofana nokukhetha phakathi kukamama wakho nobaba wakho uma bebhekene nezikhathi ezinzima.”

Akuyona into entsha. Ngaso sonke isikhathi uma ukhetho selusondele isigungu esiphezulu se-SACP siyahlangana ukuze sibuyekeze isimo saso okhethweni oluzayo ne-ANC kanye ne-Cosatu.

Ezikhathini eziningi ihlambalaza ubuholi be-ANC futhi ifuna ukufakwa ohlwini lwe-ANC lwamalungu ePhalamende kanye nasezikhundleni ezithile kwikhabhinethi.

Izikhundla ezinemali eningi, imiholo ephezulu nokunye okuhlomulisayo kanye nomthelela i-SACP ewufuna kuKhongolose kuzo zontathu izigaba zikahulumeni.

Ngaphandle kokuthola ngisho nevoti elilodwa, ngoNhlolanja i-SACP yaba nesibindi ngokwanele ukuhlangana noMengameli uCyril Ramaphosa ukuze kudingidwe ngodaba lokugcinwa kukasihlalo wayo uBlade Nzimande nabanye oNgqongqoshe abanezizinda ze-SACP kwikhabhinethi kaRamaphosa.

Eminyakeni edlule oMengameli be-ANC bafakwa ngaphansi kwengcindezi yokuthi bafake amalungu esigungu esiphezulu se-SACP ezikhundleni kuhulumeni wasekhaya, kuhulumeni wezifundazwe kanye nakuhulumeni kazwelonke.

Umkhokhi wentela ukhokhela imiholo yala malungu e-SACP akuhulumeni ngamathikithi e-ANC:

• IPhini likaNobhala wokuqala we-SACP uMandala Masuku – iphini likaNgqongqoshe wezokuthuthukiswa komnotho (2014-2019)

• IPhini lesibili likaMengameli we-SACP uDavid Masondo – iPhini likaNgqongqoshe wezeziMali

• USihlalo we-SACP uBlade Nzimande – uNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme, ukuqeqeshwa, iSayensi nobuChwepheshe

• IPhini likaSihlalo we-SACP kazwelonke uThulas Nxesi – uNgqongqoshe wezokuQashwa nezabaSebenzi

• UMgcinimafa kazwelonke we-SACP uJoye Moloi-Moropa – owayeyilungu lePhalamende (ngethikithi le-ANC)

Amanye amalungu aqavile e-SACP akuhulumeni kubalwa uMnu Gwede Mantashe (uNgqongqoshe wezokuMbiwa Phansi naMandla), uBhuti Manamela (iPhini likaNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme), uSdumo Dlamini (MP), uFikile Majola (iPhini likaNgqongqoshe wezoHwebo neziMboni), uMnu Andries Nel (iPhini likaNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana kanye neziNdaba zoMdabu), uStan Mathabatha (uNdunankulu wase-Limpopo), uLechesa Tsenoli (iPhini likaSomlomo wePhalamende likaZwelonke).

Izihloko zakamuva