I-ANC neqhingasu lokuzuza amavoti 

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

I-ANC KwaZulu-Natal isezinhlelweni zokusondeza iSilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini ngetulo  lokuwina amavoti esifundazweni.

Leli qembu lihlulwe iNkatha Freedom Party nasezinkethweni zokuchibiyela esibusa omasipala abangu-29 eKZN.

Isizwe samaZulu cishe esinabantu abalinganiselwa ku-15 million sibonga umsunguli we-IFP uMntwana kaPhindangene uMangosuthu Buthelezi ngokuhola isizwe ngesikhathi sosizi ebesibhekene naso ngemuva kokukhothama kweSilo samaBandla uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu.

UButhelezi ubambe elikhulu iqhaza ekuqinisekiseni ukuthi iSilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini sibekwa njengeSilo phezu kokuba abafowabo uMntwana uSimakade noMntwana uBuzabazi bekuphonsele inselelo lokhu. 

Ngakolunye uhlangothi i-ANC yehlulekile ukweseka iNgonyama ngalesi sikhathi esinzima yanqaba nokuphumela obala ngokuma kwayo neSilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini nokwadala isikhala sobuholi esizweni samaZulu cishe iminyaka emibili.

NgeSonto i-ANC ithe ifuna ukuthuthukisa ubudlelwano nomndeni wasebukhosini kaZulu kanye nebandla likaSheme ukuze ithuthukise umkhankaso wayo wokhetho luka-2024.

USihlalo we-ANC esifundazweni uMnu Sboniso Duma ukusho lokhu ngesikhathi ethula inkulumo yakhe emcimbini wokugubha iminyaka engu-111 kwasungulwa iqembu le-ANC e-Hammarsdale, eNtshonalanga yeTheku.

“Sikholwa ukuthi njengoba sigubha ukuzalwa kwe-ANC sekuyisikhathi sokuthi sibuyele ezimpandeni zethu sivuselele ubudlelwano bethu nebandla lakwaShembe nomndeni wasebukhosini kaZulu, lezi kwakuyizinsika ze-ANC ngesikhathi isungulwa.

 Siyabudinga lobu budlelwano njengoba sahlukumezeka kakhulu okhethweni olwedlule ngenxa yokuqhelelana obekukhona,” kusho uDuma.

Le nkulumo engundabuzekwayo kungenzeka ifake i-ANC enkingeni enkulu neSilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini, osezinhlelweni zokuqinisekisa ukuzimela komndeni wasebukhosini kaZulu kwezombusazwe zansuku zonke.

Kungakapheli nenyanga ngaphambi kokhetho lo Masipala lwangoLwezi ngo-2021, i-IFP yakhipha uqwembe lokukhankasa olwakha isithombe sokuthi iSilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini uyaleseka njengeqembu okumele abantu balivotele.

I-IFP yaphoqeleka ukuthi ihoxise iphinde ixolise ngalokhu, kodwa abantu abaningi base behlabeke umxhwele ngalokhu.

“Lesi sithombe sisetshenziswe ngephutha. Siyaxolisa ngokuphazamiseka okube khona kwiSilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini, indlu yasebukhosini nakuNdunankulu wesizwe neNgonyama yamaZulu.”

Isithombe esingenhla :Amalungu e-ANCWL egubha iminyaka engu-111 kwasungulwa i-ANC eMpumalanga enkundleni yezemidlalo e-Hammasdale, eNtshonalanga yeTheku

Umthombo wesithombe: Celani Sikhakhane

Izihloko zakamuva