Zukile Majova
Umfelandawonye oholwa i-DA uzokhipha oholwa i-ANC emandleni komunye womasipala abakhulu kuleli.
Kusukela ngosuku lokuqala umfelandawonye oholwa i-ANC eNelson Mandela Bay ubuphila ngokubolekwa ivoti elilodwa nje vo elibavunayo.
Ngonyaka odlule, u-Eugene Johnson obengenele ukhetho lomkhandlu njengeMeya wawina u-R15.8 billion kamasipala ngamavoti angu-60 emkhandlwini uma kuqhathaniswa namavoti angu-59 atholwa umfelandawonye we-DA oholwa uNqaba Bhanga.
Umfelandawonye oholwa i-ANC wamaqembu amancane ngokushesha ube ngaphansi kwengcindezi yokuthi uhlenge lesi sifunda ekuphelelweni ngamanzi kulandela isomiso esesidonse iminyaka eyisikhombisa esacekela phansi amadamu e-Port Elizabeth nase-Uitenhage.
Kodwa yehlulekile.
Le nkinga ishiye izinkulungwane zezakhamizi zingenamanzi kanye nohlelo olungacacile oluvela emkhandlwini lokuthi udaba lokuntuleka kwamanzi luzolungiswa kanjani.
Isikhathi somusa sezinyanga eziyisishiyagalombili sibukeka siphelile njengoba umfelandawonye oholwa i-DA usunesiqiniseko sokuthi unamavoti anele ukuhlakaza ubukhosi be-ANC.
Lokhu ngenye into ephuma embusweni we-ANC eyake yaphatha umasipala waseKapa, e-Tshwane, e-Ekurhuleni kanye nowaseGoli.
Ukubhidlika komfelandawonye we-ANC ngeke kugcine ngokususa iMeya uJohnson kodwa kuzosusa nePhini leMeya uBuyelwa Mafaya.
UGary van Niekerk, uMengameli we-Northern Alliance, naye uzolahlekelwa isikhundla sakhe njengosomlomo womkhandlu.
Kuleli sonto umfelandawonye wamaqembu aphikisayo okuhlanganisa i-DA, i-UDM, i-FF-plus, i-ACDP, i-African Independent Congress, i-Abantu Integrity Movement kanye ne-PAC umemezele ukuthi usuhlangane amahlandla ayisishiyagalombili ukudingida ikusasa leNelson Mandela Bay.
Esitatimendeni esihlanganyelwe la maqembu athe: “Sekungokwesishiyagalombili sihlangana ukudingida ngohulumeni wobumbano ozinzile ukuze uMasipala uthathe isikhundla somfelandawonye we-ANC ohlakazekile nongasebenzi kahle owengamelwe umbuso okhubazekile nohlukene phakathi kwabaphathi ababili bakaMasipala abaqhudelanayo.”
La maqembu athe alindele ukuthi ekupheleni kukaNtulikazi kube nomkhandlu omusha ozophatha lo masipala.
“Amaqembu athintekayo ezingxoxweni zanamuhla azobika ezinhlakeni zawo ukuze agunyazwe okokugcina. Sihlose ukusayina isivumelwano somfelandawonye ngaphambi kokuthi kuphele le nyanga. Ngeke kuphinde kuphawulwe lutho ngalokhu kuze kuba kufika umcimbi wokusayina.”