Lubhalwe nguTladi Moloi
I-ANC ifake isiphakamiso sokungathembi abaholi abathathu bezombusazwe kuMasipala wase-Maluti-a-Phofung ngemizamo yokubuyisela lo Masipala kuyo.
I-ANC ilahlekelwe umasipala ozinze e-Qwaqwa, e-Free State esiwuphathe iminyaka engu-27 ngesikhathi sokhetho lohulumeni basekhaya lwanyakenye.
Ngenxa yalokhu, uhulumeni wobumbano i-MAP 16 ivumelane namanye amaqembu ukuthi benze umfelandawonye.
Isiphakamiso simayelana nemeya yesigungu uGilbert Mokotso, uSomlomo uParatlane Motloung noSotswebhu uMoeketsi Lebesa.
Lesi siphakamiso kuzoba ngesesithathu ezinyangeni eziyishumi selokhu uhulumeni wobumbano i-MAP 16 ethathe izintambo ngoLwezi nyakenye.
Isiphakamiso sokuqala ebesifakwe i-ANC siye sahoxiswa yileli qembu ngaphambi kokuthi isiphakamiso sesibili ebesifakwe i-African Content Movement (ACM) singaphumeleli ngemuva kokuthi bathole amavoti ambalwa kunalawo abephikisana nalesi siphakamiso.
UMandlenkosi Dlamini, onguSotswebhu wekhokhasi ye-ANC utshele i-Scrolla.Africa ukuthi lo masipala awusasebenzi kahle selokhu kwangena uhulumeni wobumbano i-MAP 16.
“Sesifikile isikhathi sokuhlenga lo masipala ekutheni ubhidlike ngokuphelele,” esho.
UDlamini uthe ikhokhasi ibinethemba lokuthi lesi siphakamiso sizophumelela.
“Sesikhulume namaqembu amancane aveze ukuthi awasafuni ukusebenzisana ne-MAP 16 ngakho lokho kusinika ithuba,” esho.
UParatlane Motloung onguSomlomo womkhandlu ukuqinisekisile ukuthi i-ANC isifake isiphakamiso sokungabethembi ubuholi.
UMoeketsi Lebesa, onguMengameli we-Dikwankwela Party of South Africa (DPSA) ophinde abe uSotswebhu womkhandlu uthe: “Ngokolwazi abanalo lesi siphakamiso siwumphumela wokuxoxisana phakathi kwe-ANC ne-MAP 16.”
Uthe abazi ukuthi ziyini izinhloso zalesi siphakamiso.
“Sinqume ukuthi sithule sisonge izandla sibukele njengoba kuqhubeka izinhlelo,” esho.
Okhulumela i-MAP 16 uMnu Mmutlanyana Sekete, uthe bahlezi begxile ekuthuthukiseni umasipala.
“Amanye amaqembu afika neziphakamiso zokuthi afuna ukusebenza nathi futhi yilokho okwenza kube nezivumelwano ezithile,” esho.
Abasesithombeni esingenhla: USomlomo uParatlane Motloung, iMeya uGilbert Mokotso kanye noSotswebhu Omkhulu uMoeketsi Lebesa