I-DA izokweseka uCyril Ramaphosa ukuthi aqokwe njengoMengameli ngoLwesihlanu ntambama.
La maqembu afinyelele esivumelwaneni ngemuva kwehora leshumi ekuseni ngesikhathi kuqhubeka umhlangano wokuqala wePhalamende likaZwelonke.
“Sekwenzekile sesinesivumelwano,” kusho isikhulu se-DA ePhalamende esifuna ukungadalulwa igama sitshela iTimesLive.
Imithombo ikuqinisekisile ukuthi i-DA izokweseka ukukhethwa kukaRamaphosa njengoMengameli.
Ngokulandelayo uNgqongqoshe wezoLimo uMnuz Thoko Didiza nguyena ozoba nguSomlomo, i-ANC izokweseka ukukhethwa kwePhini likaSomlomo we-DA.
I-DA izophakamisa u-Annelie Lotriet esikhundleni sokuba yiphini likaSomlomo.
UMnuz Mdumiseni Ntuli we-ANC kulindeleke ukuthi abe nguSotswebhu we-ANC.
Luhlanganiswe ngumbhali we-staff
Osesithombeni esingenhla: uCyril Ramaphosa.
Umthombo: Ifayela