I-ANC ne-IFP bazobanga umasipala ngemuva kokushiya kwekhansela

Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli wezepolitiki

Kuzoqubuka impi eshubile yokuphatha uMasipala uMhlathuze, ongowesithathu ngobukhulu KwaZulu-Natal.

Lokhu kuza ngemuva kokuthi ikhansela laku-ward 13, uMnuz Lindokuhle Ndlovu esule esikhundleni ngoLwesithathu cishe ngemuva kwesonto esinde ngokulambisa emzamweni wokubulawa.

NgoLwesine olwedlule ikhansela le-ANC ewadini lihlaselwe lihamba ngeveni lalo eMpembeni, ngase-Richards Bay.

Emasontweni amabili adlule, umkhandlu ulahlekelwe yilungu le-PR ukhansela John Myaka we-ACDP owabulawa eshumayela ebandleni lakhe. USibonelo Steven Thwala we-ACDP ufungiswe esikhundleni sakhe.

Ngaphambi kokubulawa kukaMyaka, ikhansela u-Innocent Mkhwanazi wadutshulwa wabulawa naye esifundeni.

Ekuqaleni kwale nyanga i-Scrolla.Africa ibike ukuthi kubulawe amakhansela angu-40 emasontweni angu-40 eKZN. 

NgoLwesithathu, uNdlovu unqume ukusula esikhundleni sokuba yikhansela ku-Ward 13, yize eqinisekiswe

ubuholi bukaMasipala waseMhlathuze ukuthi uzophinde avikeleke.

Alikho iqembu elikwazile ukuthola iningi lamavoti acacile kuMasipala waseMhlathuze ngemuva kokhetho lomasipala lwango-2021.

Ukwesula kukaNdlovu kusho ukuthi i-IEC kuzomele ihlele ukhetho lokuchibiyela oluzobe lubhekwe ngabomvu yi-ANC ne-IFP.

Womabili la maqembu afuna ukulawula i-Richards Bay okuyikhaya le-strategic Richards Bay Coal Terminal.

Kwezinye izindaba zomasipala, i-IEC ibambe ukhetho lokuchibiyela lwamawadi omasipala angu-11 ezifundazweni zase-Eastern Cape, i-Free State, KwaZulu-Natal, i-North West, nase-Western Cape lapho abangenele ukhetho ngokuzimela bebeyisithupha kwathi abangu-55 baphuma emaqenjini angu-16 ezombusazwe.

Izikhungo zokuvota zivalwe ngo-9 ebusuku ngoLwesithathu kanti kulindeleke ukuthi kube nemiphumela ngoLwesine ekuseni.

Esithombeni esingenhla: IKhansela uNdlovu osinde ngokulambisa ekufeni ngesonto eledlule wanquma ukusula esikhundleni

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva