I-ANC ne-IFP babanga ukwesekwa Omdala

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Ishubile impi yokufuna ukwesekwa iSilo samaZulu phakathi kwe-ANC ne-IFP.

Ngesikhathi uNobhala-Jikelele we-ANC uMnuz Fikile Mbalula ekhuluma nabalandeli be-ANC ngeSonto esigodini saKwaXimba, uthe i-ANC yasiza ukukhulula ubukhosi bakaZulu ku-IFP.

“Siyabuhlonipha ubukhosi bakaZulu akumele bubandakanywe kwezombusazwe. Ngesikhathi sifika lapha ubukhosi bakaZulu babebiwa i-IFP kodwa sakwazi ukubukhulula sabunika isithunzi esibufanele,” kusho uMbalula.

Lokhu okushiwo uMbalula kuza ngemuva kokuthi i-ANC KwaZulu-Natal izwakalise ukuphoxeka kwayo ngokuqokwa kweMeya ye-IFP eZululand uMfundisi Thulasizwe Buthelezi njengoNdunankulu weSilo uMisuzulu kaZwelithini.

USihlalo we-ANC esifundazweni uSiboniso Duma utshele i-Scrolla.Africa ukuthi iqembu alimthathi uMfundisi Buthelezi njengoNdunankulu kaZulu osemthethweni.

I-IFP iwachithile amazwi kaMbalula yathi kumele athathe izeluleko zabadala be-ANC athule ngoba amazwi akhe ayabheda futhi ayaphoxa.

Okhulumela i-IFP, uMnuz Mkhuleko Hlengwa uthe i-ANC ayikaze yeseke iNgonyama kaZulu nesikhungo sobuholi bomdabu.

“Zisuka nje, ngesikhathi sezingxoxo zomthethosisekelo mayelana nentando yeningi, i-IFP yagcizelela ukuthi iNgonyama kaZulu kanye nesikhungo sobukhosi kufanele kuhlonishwe futhi kube neqhaza kwintando yeningi yabantu kuleli,” kusho uHlengwa.

UHlengwa uthe umsunguli we-IFP, uMntwana uMangosuthu Buthelezi uthole isibophezelo ekomitini leKhabhinethi, elaliholwa iPhini likaMengameli wangaleso sikhathi uMnuz Jacob Zuma ukuthi kuchitshiyelwe isahluko sesikhombisa nesika-12 soMthethosisekelo ukuze kuvikelwe indima, amandla nemisebenzi yabaholi bomdabu.

“I-ANC yasichitha leso sithembiso, yanika amakhansela kamasipala wonke umsebenzi, amandla nemisebenzi yabaholi bomdabu,” kusho uHlengwa.

Esithombeni esingenhla: Okhulumela i-IFP uMnuz Mkhuleko Hlengwa unxuse uNobhala Jikelele we-ANC uMnuz Fikile Mbalula ukuthi ayeke ukuthi i-IFP intshontshe ubukhosi bakaZulu.

Umthombo wesithombe: X

Izihloko zakamuva