Lubhalwe nguLungani Zungu
Umfelandawonye we-ANC ne-EFF osuse i-IFP ngendololwane kumasipala waKwaNongoma usubheke kumasipala olandelayo: kwaMaphumulo.
Lo masipala osenyakatho yeKwaZulu-Natal nawo uholwa i-IFP.
Njengamanje, umfelandawonye oholwa i-ANC ne-EFF ukwazile ukukhetha uNkk Nonhlanhla Chili we-EFF njengoSomlomo omusha kumasipala wakwaMaphumulo ngoLwesihlanu emhlanganweni womkhandlu obunombango ogcine ususa isiphithiphithi.
UChili ubeyisekela lemeya kumasipala wakwaMaphumulo ngesikhathi kuqhubeka umfelandawonye we-EFF ne-IFP owaqedwa isigubhukane umholi we-EFF uJulius Malema ngasekupheleni kwenyanga edlule.
UMalema ube eseyalela wonke amaphini ezimeya ze-EFF KwaZulu-Natal lapho iqembu lakhe ebelibusa khona ngokubambisana ne-IFP ukuthi esule esikhundleni ngokushesha.
UChili ungene esikhundleni sikaSomlomo we-IFP uMusawenkosi Ngidi – owavotelwa ngesiphakamiso sokungathenjwa se-ANC esesekwa i-EFF.
Umhlangano uphazamiseke ngemuva kokhetho lwakhe wahlehliselwa osukwini olusazomenyezelwa.
Kodwa-ke, i-Scrolla.Africa sithole ngemithombo eyahlukene ukuthi umfelandawonye we-ANC ne-EFF kungenzeka usebenzise umhlangano womkhandlu ozoba ngoLwesibili ukuketula iMeya ye-IFP uSiboniso Nyatikazi.
Begqugquzelwe ukukhipha ngempumelelo iMeya ye-IFP KwaNongoma uMnu Albert Mncwango komunye umhlangano womkhandlu obunezingxabano ngoMsombuluko, i-ANC ne-EFF banethemba lokuthola imiphumela emihle kwaMaphumulo.
Uma kubhekwa izinombolo emkhandlwini lokhu kuzovuna bona.
Ezihlalweni ezingu-23 zomkhandlu i-ANC inezingu-11, i-IFP eziyishumi, kanti i-EFF ne-Independent Alliance (IA) banesihlalo esisodwa iqembu ngalinye.
Umfelandawonye we-ANC ne-EFF unezihlalo ezingu-12 uma kuqhathaniswa neziyishumi ze-IFP kanye nesisodwa se-AI, okwenza ukuthi i-IFP ibe nezihlalo ezingu-11.
UNobhala we-ANC esifundeni iGeneral Gizenga Mpanza (KwaDukuza) uSphesihle Zulu ugxeke i-IFP ngokuphazamisa umhlangano womkhandlu ngoLwesihlanu.
“Ngeke sithuke noma sibe namahloni futhi akumele sivumele imidlalo yepolitiki enonya imise uguquko,” kusho uZulu.
I-IFP ayitholakalanga ukuthi iphawule.
Okwamanje abanye omasipala i-IFP eyayibambisene ne-EFF kuyo abasenkingeni uMhlathuze, uMtubatuba, Inkosi Langalibalele (Estcourt) kanye no-Alfred Duma (eMnambithi).
Esithombeni esingenhla: IMeya ye-IFP kwaMaphumulo uSiboniso Nyatikazi
Umthombo wesithombe: Maphumulo Municipality