Lubhalwe nguLungani Zungu
UNkk Matozi Khuzwayo-Dlamini we-ANC usephinde wabuya ngendlela eyisimanga njengeMeya kaMasipala wakwaMaphumulo ngosizo lomfelandawonye we-ANC ne-EFF.
UNkk Khuzwayo-Dlamini uqokwe njengemeya ngesikhathi kunomhlangano womkhandlu onesiphithiphithi ophazamiswe amakhansela e-IFP ngoLwesine.
Ungene esikhundleni sikaSiboniso Nyatikazi we-IFP owaba iMeya ngemuva kokuthi i-ANC yehluleke ukuwina kwaMaphumulo okhethweni lohulumeni basekhaya ngo-2021.
Ngaleso sikhathi i-EFF yeseka i-IFP eyayikade ibambisene nayo futhi manje eyimbangi enkulu yayo ukuthi ithathe izintambo kulo masipala.
Umfelandawonye we-IFP ne-EFF uhlakazeke ngasekupheleni kwenyanga edlule ngemuva kokuthi umholi we-EFF uJulius Malema eyalele wonke amaphini ezimeya e-EFF ayisishiyagalombili KwaZulu-Natal ukuthi esule ezikhundleni lapho leli qembu elinomfelandawonye khona ne-IFP.
Ekhuluma nabalandeli be-ANC ne-EFF ngemuva kokuwina isikhundla semeya, uNkk Khuzwayo-Dlamini uthe uzokubeka eqhulwini ukulethwa kwezidingo kubantu.
“Sizoqhubeka lapho esigcine khona siyi-ANC ngaphambi kokhetho lohulumeni basekhaya lwango-2021. Sizoqinisekisa ukuthi izinsiza ziyalethwa kinina nonke. Siyajabula ukuthi sigcine silisusile iqembu elizibhekelela lona lodwa elibizwa nge-IFP,” usho lokhu kwaqhuma ihlombe ngaphandle kulo masipala.
USnenhlanhla Chili we-EFF uthathe isikhundla sikaSomlomo ngesikhathi uNzo Nkosi we-ANC eba usotswebhu omusha.
UChili ubeyiphini lemeya ngesikhathi kusaphethe umfelandawonye we-IFP ne-EFF.
Begqugquzelwa ukukhipha ngempumelelo i-IFP KwaNongoma, umfelandawonye we-ANC ne-EFF uye waqonda kumasipala wakwaMaphumulo wawuthola nawo.
Umfelandawonye oholwa i-ANC ubunethemba lokuthi uzophumelela uma kuyiwa emhlanganweni womkhandlu kwaMaphumulo njengoba izibalo bezivuna wona.
Ezihlalweni ezingu-23 zomkhandlu, i-ANC ne-EFF banezihlalo ezingu-12 sezihlanganisiwe uma ziqhathaniswa nezingu-11 ze-IFP kanti lezi zinhlangothi ezimbili zishiyana ngesihlalo esisodwa kuphela.
Umfelandawonye we-ANC ne-EFF usubheke omasipala abalengisiwe bakulesi sifundazwe okunguMhlathuze, uMtubatuba, Inkosi Langalibalele (Estcourt) ne-Alfred Duma (eMnambithi).
NjengaKwaNongoma i-IFP kwaMaphumulo iwuchithile umhlangano womkhandlu wangoLwesine yathi awukho emthethweni, yathi ayiyamukeli imiphumela.
I-ANC KwaZulu-Natal iyamukele imiphumela.
“Ukuhlulwa ngendlela ebuhlungu akugcinanga nje ngokuphazamisa ubudlelwano obufufusayo be-IFP ne-DA kodwa kubhidliza lo mfelandawonye ozoletha ukuhlukana kwezinhlanga. Lokhu kwakwenziwa ngaphansi kombuso wobandlululo ikakhulukazi lapha KwaZulu-Natal,” kusho isitatimende seqembu.
Esithombeni esingenhla: UNkk Matozi Khuzwayo-Dlamini we-ANC obuyele kwesobumeya.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe