I-ANC nabaseki bayo bafuna izinguquko ebuholini bowaseNelson Mandela Bay

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

I-ANC eNelson Mandela Bay ibukeka izilungiselele ukwenza noma yini ukuze ibambelele kuleli dolobha elikhungethwe izinkinga. Bakulungele ukuyeka isihlalo sobuMeya ukuze basekele uMengameli we-Northern Alliance (NA) uGary van Niekerk njengomuntu abamncamelayo esikhundleni sokuba iMeya.

NgoMsombuluko kuvele obala ukuthi amaqembu aphikisayo eNelson Mandela Bay ahlose ukwephula ngaphakathi uhulumeni wobumbano oholwa i-DA ngokusebenzisana namalungu angajabule akule nhlangano i-NA, i-PAC kanye ne-African Independent Congress (AIC).

I-ANC, i-EFF, i-Patriotic Alliance, i-NA, i-PAC kanye ne-AIC basayine isivumelwano sobumbano esisemthethweni ngoLwesibili esigcawini esivaliwe samaqembu amaningi ukuze kuqinisekiswe ukuthi amaqembu athola izihlalo ezingu-62.

I-ANC izongena eesikhundleni sePhini leMeya nesikaSotswebhu kanti isihlalo esiphezulu sikaMasipala sizoba ese-Northern Alliance. I-EFF ithi iyajabula ngokuthatha izikhundla zokulethwa kwezidingo.

Abangaphakathi ku-ANC bathi isivumelwano sokusebenzisana phakathi kwamaqembu sigxile kakhulu ekulweni nobugebengu emiphakathini yamakhaladi nabamnyama ekhungethwe yizigameko zokudubulana kulezi zinyanga ezedlule.

“Ngaphezu kwalokho, izinhlangothi ezithintekayo kulesi sivumelwano zizibophezele ekwenzeni ngcono isimo sebhizinisi ngokwenza kube lula ukwenza ibhizinisi ngaphakathi kukaMasipala futhi ziqinise ekulweni nobugebengu, njengokudayiswa kwezidakamizwa, kuzotshalwa imali ezobhekana nezimo zasendaweni ezidala ubugebengu.”

I-EFF yafaka isicelo sokuthi kuhlale umhlangano ophuthumayo womkhandlu ngomhlaka-26 kuNhlaba ohambisana neziphakamiso zokungabethembi ubuholi beMeya, iPhini leMeya kanye noSotswebhu.

UMnu Van Niekerk we-NA, onguSomlomo womkhandlu uthe uyazi ukuthi uhulumeni wobumbano okhona ngeke wehle ngaphandle kokulwa.

Nokho, uthe “Angiboni ukuthi bangalwa kanjani nalokhu. Uma befuna ukulwa nanoma yini kumele bagxile enkohlakalweni ngoba amakhansela angu-62 asayine uhlu lwezikhalazo futhi akukho angakwenza ukuhlehlisa isigameko.”

Isithombe esingenhla: Umholi we-NA uGary van Niekerk

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva