I-ANC kade yalobizela oweNgonyama Trust- Buthelezi

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Ubuholi be-ANC bebulokhu buhalela umhlaba ongaphansi  kweNgonyama Trust selokhu lolu hlaka lwasungulwa ngo-1994.

Lokhu kuvele emqulwini onamakhasi angu-27 onikezwe iSilo samaZulu enikwa uNdunankulu woMdabu uMangosuthu Buthelezi.

UButhelezi uthe lokhu kwakungemuva kokubhuntsha kwemizamo kahulumeni wobandlululo yokuthatha umhlaba wesizwe samaZulu uwuyise e-Swatini ngo-1982

Ngo-1982 uhulumeni wobandlululo wanquma ukumemezela indawo kusukela eNgwavuma kuya kwaNgwane (Eswatini) okuyindawo enkulu eningizimu yomngcele wase-Mozambique njengengxenye yombuso wakuleli.

UButhelezi wahambisa abaphathi basePitoli enkantolo waliwina icala.

Uveze ukuthi ngesikhathi ebambe umhlangano noMengameli uCyril Ramaphosa kanye neSilo esakhothama uZwelithini, uRamaphosa waqinisekisa iSilo samaBandla ukuthi iNgonyama Trust ngeke iphazamiseke ngokudliwa komhlaba ngaphandle kwesinxephezelo.

“Kodwa akuphelanga sikhathi esingakanani isigungu esasiholwa ngowayenguNobhala-Jikelele we-ANC uMnu Kgalema Motlanthe saphakamisa ukuthi umthetho weNgonyama Trust uchitshiyelwe ngendlela ezodlulisela umhlaba wesizwe samaZulu kuhulumeni,” kusho uButhelezi.

UButhelezi uthi uMotlanthe waze wahlasela abaholi bendabuko wababiza ngondlovukayiphikiswa.

Uthe lowo owayeyiPhini likaMengameli we-ANC uMnu David Mabuza ukuqinisekisile ePhalamende ukuthi lo mthethosivivinywa usakhona ukuze kususwe umhlaba ongaphansi kwabaholi bomdabu okuhlanganisa nomhlaba weNgonyama Trust.

UNobhala we-ANC KwaZulu-Natal uMnu Bheki Mtolo usichithile isicelo sokuchithwa kweNgonyama Trust wathi i-ANC esifundazweni izovikela amalungelo abaholi bomdabu nomhlaba wabo.

Esithombeni esingenhla: UMntwana uMangosuthu Buthelezi nombiko wakhe onamakhasi angu-27 okhuluma ngeNgonyama Trust

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva