
Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli wezepolitiki
Namanje abakakwazi ukuchaza kabanzi ngezithombe ezibaziwe ezisanda kufika eThekwini zika-R22 million ezivela e-China, kodwa i-ANC KwaZulu-Natal isimemezele ukuthi izokwakha omunye umfanekiso omkhulu.
Kulokhu uSihlalo wesifundazwe uMnu Siboniso Duma uthe lo mfanekiso obaziwe kuzoba oweNkosi yamaNazaretha aseBuhleni, umsunguli webandla lama-Nazareth Baptist Church uMprofethi u-Isaiah Mloyiswa Mdliwamafa Shembe.
Lo mphrofethi ohlonishwayo unconywa ngokwakha ubumbano emphakathini nakubantu bakulesi sifundazwe”.
Kukhulunywa lokhu nje izithombe ezibaziwe ezimbili zezingqalabutho ze-ANC uNelson Mandela kanye no-OR Tambo zisagcinwe kuMasipala weTheku.
Lezi zithombe ezibaziwe zenziwa umbazi wase-China ngemali elinganiselwa ku-R22 million.
Futhi njengoba lungekho uhlelo olufanele lokuxhasa ngemali, i-Scrolla.Africa isanda kuveza ukuthi umkhandlu ukhipha imali kwisabelomali sokulethwa kwezidingo ukuze kukhokhelwe lezi zithombe ezibaziwe.
UYogis Govender oyilungu lesigungu esiphezulu se-DA eThekwini uthe imali engu-R7.8 million eyayigcinelwe izimoto zezicishamlilo kanye nokukhandwa kwe-Tongaat Water Works yacelwa ukuba ixhase lezi zithombe ezibaziwe zase-China ngaphandle kwesizathu.
“Eminyakeni edlule ukusetshenziswa kwemali kubukeka sengathi kwehlile, kanti imali eyayihlelelwe iphrojekthi kwakungu-R11 million.
“Esabelweni sokulungiswa kwesabelomali sika-2020, imali efinyelela ku-R6.5 million ebihlelelwe izimoto ezintsha zezicishamlilo, kodwa yasetshenziswa ukugcwalisela imali yezithombe ezibaziwe . Kuso leso sabelomali kwaphinde kwakhishwa enye imali engu-R1.3 million yokuthenga izimoto zezicishamlilo. Ngonyaka odlule kwakhishwa imali eyayizosiza ekwakheni i-Tongaat Water Works yafakwa kwimali yezithombe ezibaziwe,” kusho uGovender.
Abaholi be-ANC okubalwa kubo uNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnu Bheki Cele noNgqongqoshe wezobuCiko namaSiko uMnu Zizi Kodwa kanye noNdunankulu wase-KZN, uNkk Nomusa Dube-Ncube bonke baguqe phambi komholi waleli bandla obizwa ngeNkosi Unyazi LweZulu obelandisa ngomlando onothile webandla.
“INkosi ibe isibuza ukuthi kungani uhulumeni engakuboni kufanelekile ukwakhiwa komfanekiso womsunguli webandla njengengxenye yokulondolozwa nokuqhakambisa umlando weBandla.
“UCde Zizi Kodwa esikhundleni sakhe njeNgongqongqoshe wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko ube esethembisa ukuqala ngokusemthethweni lolu hlelo olubalulekile kuzwelonke ,” kusho isitatimende seqembu.
I-ANC ibisemkhankasweni wokuthuthukisa ubudlelwano naleli bandla elinamalungu angaphezu kwezigidi eziyisishiyagalombili.
I-ANC iphinde yapha iSilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini isipho semoto i-Land Rover Range Rover ka-5 million ngaphambi kokhetho lukazwelonke luka-2024.
Okucashuniwe: Umsunguli webandla iNazareth Baptist Church, iNkosi u-Isaiah Shembe
Okucashuniwe: Abaholi be-ANC baguqe ngamadolo phambi komholi weBandla Unyazi Lwezulu
Okucashuniwe: Izithombe ezibaziwe zase-China ezisanda kufika eThekwini ezibize imali engu-R22m