I-ANC izodalula amagama amalungu abhebhezela udlame

Lungani Zungu

Ngesikhathi kunokwesatshiswa okusha kwesiyaluyalu sesigaba sesibili, uJessie Duarte, iPhini likaNobhala-Jikelele we-ANC, uthe iqembu elibusayo liyawaphothula amaphepha alo okuvulela icala amalungu abhebhezela udlame.

UDuarte uthe iqembu belingakalinikeli iphepha lamacala kumalungu asolwa ngokuphehla udlame nokuphanga kulandela ukuboshwa kwalowo owayenguMengameli wezwe uJacob Zuma ngenyanga edlule.

“Kuzoba kubi uma ngikutshela amagama abo namacala ababhekene nawo uma singakabaniki iphepha lokubekwa amacala,” esho.

Amalungu e-ANC azobekwa amacala azibeka engcupheni yokumiswa, noma okubi nakakhulu, ukuba ubulungu bawo eqenjini bususwe.

Uthe i-ANC iyazi ngomyalezo obuzungeza osabisa ngesigaba sesibili sodlame.

“Sazise abaphathi bezomthetho mayelana nezinsongo zesigaba sesibili sodlame.” esho.

I-Scrolla.Africa sifunde kwabangaphakathi ku-ANC ukuthi amalungu akhuthaza udlame ngaphansi kwe-#FreeJacobZuma azobekwa amacala okugqugquzela udlame.

“Abantu ababephumela obala babhebhezela abantu ukuthi bavikele uZuma bazobekwa amacala,” kusho umthombo weqembu.

Izibonelo kubalwa amalungu e-ANC uCarl Niehaus no-Andile Lungisa, bobabili bangabasekeli abaqavile bakaZuma, abasolwa ngokususa udlame.

Bobabili baboshelwe ukwephula imithethonqubo yomvalelo futhi kamuva badedelwa, ngemuva kokuba bebeyingxenye yemibuthano eyeqe umkhawulo wabantu abavunyelwe.

Engxoxweni abe nayo ne-BBC, uNiehaus wasabisa ngokufaka uFikile Mbalula enkantolo ngemuva kokuthi uNgqongqoshe Wezokuthutha ethe wayephakathi kwabagqugquzeli bodlame.

Phakathi kwabantu asebeboshiwe kubalwa uDJ Ngizwe Mchunu owayengumsakazi kanye nommeli ozinze eGoli, u-Advocate Ike Khumalo.

UMchunu udedelwe ngebheyili yemali eyizi-R2,000 kwathi uKhumalo wakhishwa ngebheyili yemali eyizi-R3,000.

Okhulumela i-ANC uPule Mabe uthe iqembu lizokhipha amagama abantu iqembu elizobavulela icala ngokugqugquzela udlame uma sebeqedile ukubhala amaphepha.

Umthombo wesithombe: @mpumalanga_tv

Izihloko zakamuva