Zukile Majova
Abantu baseNingizimu Afrika bayaphoqeleka ukuthi bayekele i-ANC iqhubeke nokucula isenge ezimithiyo ithi ilwa nenkohlakalo ezikhundleni zikahulumeni.
Ngempelasonto i-ANC eThekwini ichithe uMengameli uCyril Ramaphosa yaqoka uZandile Gumede njengoSihlalo wesifunda yabukela phansi imizamo kamengameli yokukhuculula abaholi abathinteka kwinkohlakalo.
Lolu khetho lubeka uGumede ethubeni lokuphinde abe iMeya kuMasipala weTheku, okuwumkhandlu onesabelo-mali esingaphezu kuka-R50 billion.
UZandile kanye nabanye abangu-20 babhekene namacala angaphezu kuka-2 000 okukhwabanisa nenkohlakalo mayelana nethenda kadoti ebiza imali ecela ku-R430 million.
UGumede, oqokwe engekho ukuqinisekisile ukuthi usazoxhumana nabo bonke ubuholi be-ANC esifundeni.
“Ngiyajabula futhi ngiphatheke kabi uma ngicabanga lapho engiphuma khona.
Sekuyiminyaka emine manje ngizabalaza yize ngike ngabhekana nobunzima kodwa namuhla iqiniso seliphumile. Ngibonga kakhulu emagatsheni kaKhongolose bengithwele kanzima,” usho kanje etshela i-SABC.
Ingqungquthela ye-ANC eThekwini iphinde amandla owayenguNgqongqoshe wezeMpilo kuleli uMnu uZweli Mkhize owaxoshwa nguhulumeni ngezinsolo zokuthi uyathinteka ekukhishweni kwethenda yezokuxhumana eMnyangweni wezeMpilo ka-R150 million. UMkhize ugaqele esikamengameli we-ANC engqungqutheleni kazwelonke.
Ngesonto eledlule, ingqungquthela ye-ANC e-Mpumalanga ikhethe osolwa ngokubulala uMnu uMandla Msibi ukuthi abe nguMgcinimafa wesifundazwe.
Esifundeni eMalahleni izithunywa zikhethe uDkt Ntuthuko Mahlaba obeyiMeya yase-Newcastle esikhundleni sokuba nguSihlalo wesifunda yize elahlwe icala lokushaya nokucekela phansi impahla wagwetshwa iminyaka emibili ejele noma inhlawulo ka-R20 000.
Njengoba i-ANC iya engqungqutheleni kazwelonke yokukhetha ubuholi ngoZibandlela, izithunywa zeqembu ezingu-5,000 zingase ziphikise ukuqala kwemithetho emisha.
Abaningi, okuhlanganisa noNobhala-Jikelele weqembu osamisiwe u-Ace Magashule bathi iqembu elibusayo lisebenzisa lesi sinqumo ukulungisa isimo sezombusazwe kanti abeseka uMengameli uRamaphosa njengoNgqongqoshe wezaMandla uGwede Mantashe baphathwa ngezandla ezintofontofo.
Ngakolunye uhlangothi, ezikaRamaphosa zisamile ekukhipheni amaqabane athinteka enkohlakalweni.
Umthombo wesifunda: @Mail&Guardian