I-ANC iyaqhubeka nokusikaza ngejozi uPhalatse

Lubhalwe nguLungani Zungu

UMpho Phalatse oyiMeya ye-DA eGoli unethemba lokuthi isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bakhe ngeke simgcindezele.

Ekuqaleni bekulindeleke ukuthi lesi siphakamiso sethulwe ngoLwesithathu, kodwa uSomlomo woMkhandlu waseGoli uColleen Makhubele ukuqinisekisile ukuthi sihlehliselwe uLwesine.

Esithangamini nabezindaba ngoLwesithathu uPhalatse uthe: “Engigxile kukho akukho kulesi siphakamiso. Ngicabanga ukuthi sesifinyelele esimweni esijwayelekile njengomasipala waseGoli ngoba njalo umhlangano womkhandlu ngamunye unesiphakamiso sokungabuthembi ubuholi. Sesize sajwayela.”

UPhalatse uthe umfelandawonye oholwa i-DA ohlanganisa amaqembu amaningi uzoqeda lezi ziphakamiso.

Umdonsiswano phakathi komfelandawonye oholwa i-DA kanye nomfelandawonye oholwa i-ANC umayelana nesabelomali esihle sikamasipala sika-R77 billion.

UPhalatse uthe uzolwa ngakho konke anakho ukuze aqinisekise ukuthi uhlala eyiMeya ukuze akwazi ukusebenzisa isabelomali ukusiza izakhamizi zaseGoli ezingaphezu kwezigidi eziyisithupha.

“Nakuba sibhekene nesinye isiphakamiso sokungathenjwa, mina kanye namalungu ekomidi leMeya sisazimisele emsebenzini wethu wokuletha izidingo kubantu,” esho.

UPhalatse ubambe isithangami mayelana nokuntengantenga kwesimo sezezimali saseGoli ngoLwesibili.

Yize evumile ukuthi isimo sezezimali saseGoli asisihle, ukugcizelele ukuthi akusiyo inkinga enkulu.

“Yize umasipala ungenazo izinkinga ezinkulu okwamanje, singazithola sisesimweni esingagculisi sezimali uma singakugunyazi ukuboleka imali ngoMkhandlu,” kusho imeya.

Imali ezobolekwa abekhuluma ngayo u-R2 billion abazowuboleka kwi-Development Bank of Southern Africa nokuyinto eye yachithwa yilo mkhandlu ekuqaleni kwenyanga.

Esithombeni esingenhla: UMpho Phalatse

Izihloko zakamuva