I-ANC iyaqhubeka nokuhlwitha i-IFP omasipala

Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli wezepolitiki

I-ANC iphinde yahlwitha i-IFP omunye umasipala eKZN, kulokhu ithathe umkhandlu waseDannhauser.

Lo mkhandlu ubuphethwe i-IFP ngemuva kokwenza umbimbi ne-EFF.

Lezi zinguquko zenzeke ngemuva kokufakwa kwesiphakamiso sokungabethembi ubuholi beMeya, uSomlomo noSotswebhu be-IFP.

I-ANC ne-EFF bakhe umbimbi ukuze bagudluze I-IFP emandleni.

Kule ndawo umfelandawonye wabo uhlanganisa ne-Community Freedom Front, ikhansela layo okunguMnu Sibusiso Myaka osenguSomlomo omusha womkhandlu.

UMnu Bongani Hadebe, obeyikhansela le-ANC okokuqala ngqa uqokwe njengeMeya kanti, uMnu Busisiwe Langa (ANC) uqokwe njengePhini leMeya.

Ijabulela ukunqoba kwayo, i-ANC ibize ubuholi be-IFP ngondlavini, nokuyinto engashubisa uqhekeko endaweni lapho kudlondlobala khona ukungabekezelelani kwezepolitiki.

Ngempelasonto, i-IFP ne-ANC ibe nemibuthano emibili ehlukene endaweni eyodwa ngemuva kokuthi i-IFP idube umcimbi kahulumeni wesifundazwe ngoba bethi lokhu kuyitulo lokuthola ukwesekwa ngaphambi kokhetho lokuchibiyela oluzoba ngesonto elizayo kuMasipala i-Alfred Duma.

IMeya ye-IFP kuMasipala uZama Sibisi uthe uhlelo lukaNgqongqoshe wezokuPhepha koMphakathi, uMnu Sipho Hlomuka eMhlumayo belugcwele abantu abebegqoke izikibha ze-ANC okwenza i-IFP iqinisekise ukuthi uNgqongqoshe usebenzisa izinsiza zombuso ukusiz i-ANC ngaphambi kokhetho lokuchibiyela ku-wadi-29 oluzoba ngesonto elizayo.

Njengoba indawo yaseMhlumayo ingenaso isiteshi samaphoyisa, uNgqongqoshe wethule amalungu azosiza ukulekelela umphakathi ukulwa nobugebengu endaweni.

Ngemuva kokuthi i-IFP idube umcimbi, abalandeli be-ANC babuthelene ndawonye bathola amabhayisikili kwathi amanye amalungu omphakathi athola izitofu zikagesi nemishini yokuthunga.

Isu lokunikeza abazobe bevotela izinto zikagesi ezifana nama-microwave, amafriji nezitofu lasetshenziswa ngempumelelo enkulu okhethweni lokuchibiyela esifundazweni i-Team Sugar South Africa, inhlangano entsha yomphakathi.

Isithombe esingenhla: Ubuholi obusha bomfelandawonye we-ANC kuMasipala Wendawo yase-Dannhauser, iMeya uBongani Hadebe, iPhini leMeya uBusisiwe Langa noSomlomo uSbusido Myaka

Umthombo wesithombe: I-ANC KZN

Izihloko zakamuva