Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli Wezepolitiki
I-ANC isamile ekutheni alikho ngisho elilodwa iqembu elingahlakaza uHulumeni woBumbano lukaZwelonke (GNU) ohlongozwayo.
UMengameli uCyril Ramaphosa kulindeleke ukuthi amemezele ikhabhinethi yakhe maduze nje ngemuva kokuxoxisana nobuholi obuphezulu be-ANC, ababambisene nayo kanye namalungu e-GNU.
NgoLwesithathu, ngemuva kokugcotshwa kwakhe, uRamaphosa uxwayise ngokuthi kungase kususwe abadala izinxushunxushu ngaphakathi ku-GNU.
I-ANC ithe yakha i-GNU ezozinza futhi engeke icekeleke phansi kalula ngokuphuma koyedwa noma ababili.
USotshwebhu we-ANC, uMdumiseni Ntuli, utshele i-Newzroom Afrika ngoLwesine ukuthi ukuphuma kwe-DA kuzocekela phansi i-GNU kodwa kuzovulela iqembu le-MK kanye ne-EFF ithuba lokubheka kabusha ukwenqaba kwabo ukujoyina i-GNU.
I-MK kanye ne-EFF bano-25% wezihlalo ePhalamende likazwelonke kodwa benqabile ukujoyina i-GNU inqobo nje uma i-DA iyingxenye yayo.
Bekungakacaci ukuthi i-EFF yenqabe ngokuphelele yini ukujoyina i-GNU ngoba umholi wayo, uJulius Malema, uthe i-EFF ingase ijoyine uma inganikezwa isikhundla sokuba ngusihlalo kwamanye amakomiti ePhalamende.
I-EFF iphakamise ukuthi iphini likamengameli wayo uFloyd Shivambu abe ngusihlalo wekomidi elincane lezezimali.
Uvalo lokuthi i-DA ingase iphumele obala ibhidlize sonke isivumelwano, kuvele kuleli sonto ngemuva kokuthi ihlulekile ukuvimba ukufakwa kwe-PA kaGayton McKenzie ku-GNU.
UHelen Zille, onguSihlalo wesigungu se-DA, udale ukuvungama kwabaningi ngesikhathi ethi ukungena kwamaqembu amasha ezepolitiki ku-GNU kudinga imvume ye-DA ne-IFP.
Uchaze iqembu lakhe njengalelo elasungula i-GNU ne-ANC futhi waphakamisa ukuthi i-PA akufanele ibe yilungu le-GNU ngaphandle kwemvume ye-DA.
Kodwa uNtuli uthe “uZille” akukhali isicathulo sakhe ku-GNU.
“Umholi omkhulu we-GNU yi-ANC. Bonke abanye abasayine ukujoyina kwi-GNU, kungakhathalekile ukuthi ngubani osayine kuqala noma ogcinile, bakwenze lokhu ngoba bemenywe yi-ANC,” usho kanje.
UNtuli uthe abasanda kufika, njenge-PAC, bebengathathwa njengabantu abancane ku-GNU.
“Impela i-DA yaba yinhlangano yokuqala ukusayina isitatimende sezinhloso zayo ukujoyina i-GNU, kodwa lokho akuzange kubanike izimendlela zokuthi babe ngamalungu asungule i-GNU.
“Umholi oyinhloko nohamba phambili we-GNU yi-ANC,” kusho uNtuli.
Abasesithombeni ngenhla: UCyril Ramaphosa kanye nomholi we-DA uJohn Steenhuisen.
Umthombo: X
