Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
I-ANC KwaZulu-Natal ifisela uMntwana wakwaPhindangene Inkosi Mangosuthu Buthelezi ukwelulama ngokushesha esibhedlela.
UMntwana wakwaPhindangene (94) usesibhedlela ulashwa izinhlungu ezimbambe eqolo.
Lesi sicelo siza ngemuva kokuthi umndeni kaButhelezi ukhiphe isitatimende wazisa umphakathi ukuthi uhlangabezane nezinkinga kulandela inqubo yokwelapha izinhlungu eqolo.
Ukuqagela ngesimo sikaButhelezi kubhebhetheke ngesikhathi i-Scrolla.Africa sithola ulwazi lokuthi usegumbini labagula kakhulu esibhedlela esizimele e-Richards Bay nokuthi akakwazi ukukhuluma.
UNobhala we-ANC esifundazweni, uMnuz Bheki Mtolo uthe unethemba lokuthi lo mholi uzolulama ngokushesha futhi unxuse umphakathi ukuthi umkhulekele.
“Sihlanganyela nezigidi zabantu, abaholi bomphakathi kanye nomphakathi ekumfiseleni ukululama okusheshayo nempilo enhle. Ngokuhambisana nesitatimende esikhishwe umndeni kaShenge, kumele siqhubeke nokukhuleka kuNkulunkulu uSomandla ukuba amgcine ephila futhi asinde,” kusho uMtolo.
“Sicela abantu baseKZN ukuthi banikeze umndeni indawo ukuze ubhekane nesimo.”
Okhulumela uButhelezi, uLiezl van der Merwe ukuchithile ukukhathazeka etshela i-Scrolla.Africa ukuthi uButhelezi uthola usizo esibhedlela esiseThekwini futhi ukhombisa ukuba ngcono.
Okhulumela umndeni uBhekuyise Buthelezi uluvumile udaba lokuthi ubenezinkinga okuholele ekutheni abuyiselwe esibhedlela.
“Ube nenkinga ngakho-ke, usalele esibhedlela okwamanje ukuze athole usizo oludingekayo. Ukuhlala kwakhe esibhedlela kuzoncika ekutheni umzimba wakhe uzolulama ngokushesha kangakanani,” kusho uBhekuyise.
Njengoba uhambo lwezempilo lomholi ohlonishwayo luqhubeka ukwembuleka, umndeni uhlela imigubho yosuku lwakhe lokuzalwa oluzayo lweminyaka engu-95 mhlaka-27 kuNcwaba.
Esithombeni esingenhla: UMntwana uMangosuthu Buthelezi
Umthombo wesithombe: Twitter