Joseph Chirume
Namuhla i-ANC ithole umasipala iNelson Mandela Bay ngemuva kokuqoqa amavoti angama-60 ibhekene ne-Democratic Alliance ethole amavoti angama-59.
Iqembu elibusayo lihola isivumelwano esihlanganisa, i-Defenders of the People, i-Northern Alliance, i-African Independent Congress, i-Good, i-United Democratic Movement (i-UDM), i-Patriotic Alliance kanye ne-Pan Africanist Congress.
Umkhandlu unezihlalo eziyi-120, kodwa ikhansela uRetief Odendaal we-DA ukhethe ukungavoti, okwenze ukuthi la maqembu athole amavoti alinganayo.
Owayeyimeya aphinde abe yilungu le-DA elihlulwe esikhundleni uNqaba Bhanga, uthe izingxoxo zokusebenzisana namanye amaqembu zibhuntshile ngenxa yezimfuno zabo ezingaphusile.
“Bebefuna zonke izikhundla, bese kuthi isikhundla sobumeya bekuzoba esingenawo amandla aphezulu,” kusho uBhanga etshela abezindaba ngoMsombuluko.
“Sizoqhubeka nokuqapha futhi siqinisekise ukuthi i-ANC nabalingani bayo bayajeza.”
Okhulumela i-UDM eNelson Mandela Bay, uYongama Zigebe, utshele i-Scroll.Africa ukuthi amaqembu amancane abumba iqembu elilodwa lapho angaxoxisana khona namaqembu amakhulu.
“Sithole ukuthi lawo maqembu anesibalo esikhulu ebehlukumeza amaqembu amancane ngesikhathi sezingxoxo. Ngakho-ke, njengeqembu besinamandla,” kusho uZigebe.
UZigebe uwuchithile umbono kaBhanga wokuthi izimfuno ze-UDM azinangqondo, wathi i-DA ayiwahloniphi amaqembu amancane.
“I-DA ibingafuni ukusinika isikhundla sikaSomlomo woMkhandlu nokho ibifuna siseke yona esikhundleni sobumeya. I-DA ikhombise ukukhukhumala ngesikhathi kunezingxoxo,” esho.
Enkulumeni yakhe yokuqala, iMeya yesiGungu esanda kukhethwa u-Eugene Johnson uthembise ukuyiqeda nya inkohlakalo futhi asuse izikhulu ezingamavila.
“Ngisebenzela izikhalazo zabo bonke abahlali. Njengohulumeni, sizosebenza ngokuzikhandla ukuqinisekisa ukuthi izibani ziyakhanya futhi siqinisekise ukuthi ompompi bamanzi abomi nokuthi abesifazane bethu baphephile,” esho.
“Ubugebengu buyisithiyo ekuthuthukeni kwethu. Sizokwenza umasipala indawo ephephile yokusebenza nokuhlala.”