Lungani Zungu
Njengoba uJacob Zuma ezama wonke amaqhinga asencwadini ukuze abalekele ijele, abaningi sebekhuze i-ANC ngokuphatha lowo owayengumengameli ngempatho ekhethekile.
Phezu kwezinsongo zodlame ezenziwe ngabalandeli bakaZuma nokukhishwa inyumbazane kwemithetho yomvalelo ngeSonto, iqembu lakhe, i-ANC alikaze lisho lutho.
Iqembu elibusayo belingakamthethisi ngokuthula nokungakhuzi abalandeli bakhe abasabisa udlame uma eboshwa.
Ngempelasonto, ithimba elinamalungu ayi-12 lezikhulu ezinkulu ze-ANC (NEC) lihlangane noZuma.
Lowo owayengumengameli unqabe ngokusobala ukukhuza abalandeli bakhe abephule umthetho womvalelo ngaphandle komuzi wakhe oseNkandla.
Isishoshovu se-ANC uMavuso Msimango utshele i-Scrolla.Africa ukuthi indlela uZuma aziphathe ngayo ayiyinhle.
“Lokhu akwamukelekile neze futhi kungaholela ekutheni abantu balahlekelwe yimiphefumulo yabo uma abalandeli besebenzisa udlame. Lokhu ngeke kube nomphumela omuhle.”
I-ANC eKZN eholwa nguMnuz Sihle Zikalala nayo ihlangane noZuma ngempelasonto.
Umbiko wayo ku-NEC, obonwe ngabakwa-Scrolla.Africa, ubungagxeki uZuma kodwa ubusola abalandeli bakhe.
Okuxakile, umbiko wobuholi besifundazwe uze wancoma nokuthi kumele umthetho “uhlolwe” noma kuncishiswe noma kumiswe isigwebo sikaZuma noma ahlawuliswe esikhundleni sokubomopha..
Lo mbiko awuzange usho lutho ngeqhaza likaZuma ngokwenzeka ngaphandle komuzi wakhe.
Umhlaziyi wezepolitiki uMnuz Thabani Khumalo uthe i-ANC ibihlale imphatha ngenhlonipho uZuma yize ebephikisana noMthethosisekelo.
“UZuma ubehlale ezibona emkhulu kune-ANC, futhi iqembu selimvumele ukuthi enze lokhu isikhathi eside kakhulu.
“Baphinde baphatha uZuma ngendlela ekhethekile njengoba ephikisana noMthethosisekelo enza isifungo sokuwuvikela nokuwuhlonipha.”
UZuma uzovela eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu ngoLwesibili emzamweni wokugcina wokunqanda ukuboshwa kwakhe.
INkantolo yoMthethosisekelo igwebe uZuma izinyanga eziyishumi nanhlanu ngokungawunaki umyalelo wokuthi avele kwikhomishini yophenyo yombuso.