I-ANC isola ukulinyazwa kwempahla ngesesithupha sikagqamcishi

Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli Wezepolitiki

I-ANC ithi ukucishwa kukagesi kwesigaba sesithupha kuyisenzo sokucekelwa phansi kwempahla.

Selokhu uMengameli uCyril Ramaphosa axosha uJacob Zuma esikhundleni, kube nezigameko eziningi zokucekelwa  phansi kwempahla yakwa-Eskom. 

NgoLwesihlanu ebusuku phakathi kwamabili, u-Eskom umemezele ukuthi uzocisha ugesi ezindlini, emabhizinisini nasemafemini okungenani amahora angu-12 ngosuku.

Isigaba sesithupha siqhamuke ngemuva kosuku uRamaphosa ethule inkulumo yakhe yesizwe (Sona) eqinisekisa isizwe ukuthi okubi kuphelile nokuthi sekuzophela nya ukucishwa kukagesi.

“Ngazo zonke lezi zenzo, siyaqiniseka ukuthi okubi sesidlulile kukho nokuthi ukuphela kokucishwa kukagesi sekuseduze. Kodwa asigcini lapho ukuze siqinisekise ukuthi ngeke siphinde sibhekane nenkinga efanayo,” kusho uRamaphosa ngesikhathi se-Sona. ngoLwesine ebusuku.

NgoMgqibelo uNobhala-Jikelele we-ANC uFikile Mbalula uthe lesi isigameko sakamuva sokucekelwa phansi kwempahla.

“Isigaba sesithupha sokucishwa kukagesi (ukucekelwa phansi kwempahla) okusobala. Kudingeka izindlela zokuphepha ezengeziwe neziqinile.” usho kanje. 

Ngenxa yesigameko ezedlule zokucekela phansi impahla, uRamaphosa usetshale amasosha kwezinye iziteshi zikagesi eMpumalanga.

OKlebe banenqwaba yabaseshi ababhekene nobugebengu kwa-Eskom kanti abophiko lwezobunhloli nabo bajutshelwe ukuthola izigameko zokucekelwa phansi kwama-grid kagesi. 

Kuze kube manje, izigameko zokucekelwa phansi kwempahla zihlobene nezingxabano eziqhubekayo mayelana nezinkontileka zamathenda kwa-Eskom kanye nokuncintisana phakathi kwabahlinzeki bamalahle nabaphakeli bakadizili.

Kodwa kulokhu uNgqongqoshe wezamandla kagesi uKgosientsho Ramokgopa uthe ukuvuza kwamashubhu obhayela kumayunithi ayisishiyagalolunye kudale ukushoda kukagesi.

Uthe u-4 400 megawatts eziteshini zikagesi i-Lethabo, i-Matimba, i-Duvha, iMajuba, i-Camden, i-Grootvlei, i-Kriel kanye ne-Medupi asusiwe kwigridi.

“Silindele ukubuyisela [amanye amayunithi] angasebenzi… ngoLwesithathu. Silindele ukuthi ngoLwesibili sibone ukwehla okukhulu, sibuyele emuva esigabeni sesine, sesithathu, sesibili kanye nesokuqala [sokucishwa kukagesi]… Njengengxenye yokulungisa okuhleliwe, ingxenye enkulu yamayunithi izobuyela ekuqaleni futhi ekupheleni kukaNdasa, lapho sizobe sisuka ku-7 000MW siye emazingeni aphansi aphakathi kuka-5 000MW no-6 000MW futhi yilapho esizobona khona kuba ngcono kakhulu ukucishwa kukagesi,” kusho uRamokgopa.

Izihloko zakamuva