I-ANC isola imeya yeDA ngesinqumo ‘esikhankasela’ ukhetho

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

I-ANC e-Tshwane isole iMeya uCilliers Brink ngokuba nesandla ngemuva kokuba izikhulu ezinhlanu zimisiwe emsebenzini ngokukhipha inkontileka yethenda ye-Rooiwal Water Treatment enamaphutha.

Ukumiswa kwabo kuza ngemuva kokuthi uhlelo lwangaphakathi lokuqondiswa kwezigwegwe lubathole benecala kuwo wonke amacala amane, okuhlanganisa ubudedengu obukhulu ekwenzeni umsebenzi wabo, nokuphula izimiso zokuphatha ezahlukene nezinqubomgomo zikamasipala.

Ithenda bekuyinkontileka ka-R292 million ebikhishelwe i-Blackhead Consulting Services ne-NJR Projects, kasomabhizinisi ongundabamlonyeni u-Edwin Sodi.

Izinqubo zangaphakathi zokuqondiswa kwezigwegwe ziphakamise ukuthi lezi zikhulu ezinhlanu zimiswe emsebenzini isikhathi esingangenyanga ngaphandle kokuhola, kodwa umasipala wedolobha akakuvumanga lokho ngakho basamiswe okwesikhashana futhi basahola ngokugcwele.

NgoLwesihlanu, okhulumela umasipala uSelby Bokaba uthe idolobha libona sengathi ukuba khona komsebenzi omisiwe emsebenzini kuzoba yingozi kumasipala.

UNobhala we-ANC esifundeni uGeorge Matjila uthe iqembu lishaqekile ngokuthi imeya inqume ukuthatha izinyathelo ezinje.

“Ukuqondiswa kwezigwegwe kwangaphakathi kwacelwa yimeya, njengoba imiphumela ingahambisani nayo, isifuna ukuphikisa imiphumela ngenkantolo yezabasebenzi.

“Lokhu sikubheka njengokungakwethembi ukuqondiswa kwezigwegwe kwangaphakathi kwedolobha futhi kungase kubonise ukuthi imeya ifuna ukubaxosha.

“Njengoba siya okhethweni bafuna kubonakale sengathi balwa nenkohlakalo kusetshenziswa udaba [lwethenda] nokuyinto engenabulungiswa kubasebenzi abathintekayo,” kusho uMatjila.

Ngesikhathi ebuzwa ukuthi i-ANC iyabeseka yini laba basebenzi njengoba izinkampani ezithintekayo ziphethwe nguSodi omataniswa neqembu, uMatjila uthe: “USodi akahlangene ne-ANC uhlangene namanye amalungu e-ANC kuphela. Siphikisana nezinqubo eziphulwa yi-DA, hhayi abantu.”

Ithenda engekho emthethweni ibangele ukuthi lezi zinkampani ezimbili ziwushiye umsebenzi. Indawo yokuhlanza amanzi engasebenzi kahle ihlobene nokuqubuka kwesifo sohudo esadlula nempilo yabantu abangu-20 e-Hammanskraal ngoNhlaba 2023.

Osesithombeni ngenhla: UGeorge Matjila.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe 

Izihloko zakamuva