Zukile Majova
Ukhetho lwakamuva lokuchibiyela lukhombise ukuthi ukusinda kwe-ANC kuzoncika empumelelweni yayo ezindaweni zasemakhaya zakuleli, nakuba irekhodi leqembu lokulethwa kwezidingo kubantu lingelihle.
Imiphumela yakamuva yokhetho lokuchibiyela ikhombisa izimpawu ezicacile zokuthi izindawo zasemakhaya zakuleli zizoba isizinda sokugcina sezombusazwe kuhulumeni we-ANC.
Lokhu kwenzeka naphezu komlando omubi wokulethwa kwezidingongqangi, ingqalasizinda embi, izinga eliphezulu lokuntuleka kwemisebenzi kanye nenqwaba yezethembiso ezingafezekanga.
Noma bengawatholi amanzi okuphuza ahlanzekile, abalandeli be-ANC kulezi zingxenye basavotela i-ANC.
Kulezi zinsuku iqembu elibusayo lidonsa kanzima ukuthola amavoti agculisayo emadolobheni amakhulu afana neGoli, eKapa, ePitoli nasezingxenyeni ezithile zeTheku.
Kodwa-ke, leli qembu lisabhalisa ngaphezu kuka-70% wamavoti ezingxenyeni zase-Eastern Cape, e-Limpopo kanye naseMpumalanga.
Iningi lezindawo zasemakhaya KwaZulu-Natal zingaphansi kwe-IFP.
Imiphumela yokhetho lokuchibiyela lwangesonto eledlule iqinisekisa lesi simo njengoba uMandlakazi Mabuda obengenele ukhetho lobukhansela ngaphansi kwe-ANC edle umhlanganiso esigcemeni 43 kuMasipala iNelson Mandela Bay ngo-69.11%.
Omunye obengenele ukhetho ngaphansi kwe-ANC, uNksz Nomvula Elizabeth Dlamini, uwine ngo-72.9% esigcemeni sesithathu, kuMasipala iChief Albert Luthuli, eMpumalanga.
Ngokuvamile inani eliphansi labavoti ezindaweni zasemadolobheni livame ukuvuna amaqembu amancane. Kodwa akunjalo ikakhulukazi ezifundazweni zasemakhaya.
Okhethweni lokuchibiyela amavoti abe ngu-28.3% e-Gqebera, aba ngu-43.9% eMpumalanga.
Kuhlukile e-Western Cape lapho uChristo Jacoby Boks we-DA ewine khona ngo-62% esigcemeni sesikhombisa kuMasipala wase-Matzikama.
Ezimpendulweni zayo, i-ANC icele abavoti bayo ukuthi banyuse amasokisi balwe nesibalo esincane sabavoti.
Njengoba indlela ikhomba ukuthi ukhetho lukazwelonke lwango-2024 yilona olubaluleke kakhulu kwi-ANC, leli qembu likholelwa ukuthi ukwanda kwamanani abantu kungayisiza ukuthi ihlale ngaphezu kuka-50%.
Kuze kube manje ubufakazi obungajwayelekile buveza ukuthi leli qembu lizolahlekelwa isifundazwe saseGoli, okuyisizinda somnotho wezwe, futhi lizophinde lilahlekelwe ingxenye yalo eningi emavotini kazwelonke.
Ukukhula kokuntuleka kwemisebenzi, ukwenyuka kwamanani okudla, ukwenyuka kwentengo kaphethiloli, ukucishwa kukagesi kanye nezintela ezihlukahlukene zikahulumeni emalini etholwa umuntu ngamunye kulindeleke ukuthi kube yikhona okunamandla enkulumweni yezwe phakathi kwamanje nokhetho lukazwelonke.
Konke lokhu kuchaza inhlekelele enkulu eqenjini elibusayo.