Lubhalwe nguZukile Majova
I-African National Congress (ANC) isixoshe owayenguMengameli wayo uMnuz Jacob Zuma.
UZuma waqala iqembu leMK walikhankasela, wanxusa amalungu e-ANC ukuthi amujoyine.
Konke lokhu ukwenza nje ubelokhu egcizelela ukuthi uyaqhubeka nokuba yilungu le-ANC.
UNobhala Jikelele we-ANC uFikile Mbalula usole uZuma ngokungenzi kahle kwe-ANC okhethweni lwangomhlaka-29 ngoNhlaba lapho ukwesekwa kweqembu kwehle kusuka ku-57.5% kuya ku-40%.
Iqembu elisha likaZuma lithole u-15% wamavoti kuzwelonke kanye no-45% esifundazweni uZuma adabuka kuso iKwaZulu-Natal.
Umbiko oputshuziwe wemiphumela yekomiti lokuqondisa izigwegwe uthe uZuma usengasidlulisa isinqumo zingakapheli izinsuku ezingu-21.
Lesi sinqumo sithe uZuma utholwe enecala lokubukela phansi ubuqotho noma isithunzi senhlangano ngikusebenzisana nelinye iqembu lezepolitiki elibhalisiwe.”
“Ilungu elibekwe icala lixoshiwe ku-ANC.”
I-ANC yagcina ukuxosha umuntu obalulekile esikhundleni ngo-2012 lapho ixosha khona uMnuz Julius Malema owayengumengameli wophiko lwayo lwentsha.
UMalema uqhubekile wasungula i-EFF esanda kuthola ngaphansi kuka-10% wamavoti.
UZuma kanye noMalema sebehlangene bakha into ebizwa ngokuthi iProgress Caucus, okusho iqoqo lamaqembu aphikisayo amelene noHulumeni osanda kusungulwa obizwa ngelukaHulumeni woBumbano lukaZwelonke.