I-ANC isijube uMkhize ukuxazulula ekaShenge neSilo

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

I-ANC KwaZulu-Natal ijube owayenguNdunankulu waseKZN, uDkt Zweli Mkhize ukuba abe ngumxazululi phakathi kweSilo uMisuzulu kaZwelithini kanye noNdunankulu uMntwana uMangosuthu Buthelezi.

Isinqumo sokujutshwa kukaMkhize sisukela ekhshubeni kokunhaboni ngaso linye phakathi kweSilo noButhelezi.

UNobhala we-ANC esifundazweni, uMnuz Bheki Mtolo ukushayele ihlombe ukwethenjwa kukaMkhize nokusebenzisana okuhle nezinhlaka zombili kanjalo nobudlelwano bakhe baphambilini neSilo Samabandla uZwelithini kaBhekuzulu.

Ukushuba kwesimo phakathi kukaButhelezi noMisuzulu kuqale ukubonakala ekuqaleni kwalo nyaka ngesikhathi kuqokwa amalungu amasha ebhodi leNgonyama Trust.

Isinqumo seSilo sokuqoka iNkosi uThanduyise Mzimela njengosihlalo omusha nokuhoxiswa kweJaji uJerome Ngwenya ngaphandle kwesaziso sidale ukungaboni ngaso linye.

UButhelezi wanxusa ukuthi uNgwenya agcinwe noma kuqokwe u-Advocate Linda Zama, kodwa ISilo saqhubeka nokubeka uMzimela.

ISilo siphinde sanqaba ukusebenzisa inkampani yabammeli ekhethwe nguButhelezi ukuba ibamele odabeni oluqhubekayo lwasezinkantolo lombango wesihlalo sakhe nomfowabo uMntwana uSimakade.

Kuphinde kwaqubuka ukungaboni ngaso linye ngokuqashwa kwabantu abathile eMnyangweni wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu lapho iSilo saphakamisa uMntwana uSimphiwe yize uButhelezi engazange avume.

Ngaphandle kwalezi zingxabano, amanye amalungu omndeni wasebukhosini achitha iseluleko sikaButhelezi ezintweni ezithile, engabaza ukwethembeka kwakhe ngenxa yeminyaka yakhe. UButhelezi uneminyaka engu-94 ubudala.

Bathi  mdala uhlushwa ukuguga futhi bembheka njengo muntu ongasabalulekile.

Ngokuletha uDkt Mkhize, i-ANC inethemba lokuthi kuzoba lula ukulamula nokubuyisela ukuzwana phakathi kukaButhelezi neSilo.

Isithombe esingenhla: UMntwana uMangosuthu Buthelezi noDkt Zweli Mkhize 

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva