Celani Sikhakhane
Umdlalo wezepolitiki wokukhaphelana KwaZulu-Natali uphoqe i-ANC ukuthi ijikele i-EFF ngokuthi ihoxise owayeyilungu layo elizimele ukuze isebenzisane ne-IFP.
Lokhu kwenzeke kumasipala waseJozini okhungethwe ububha ngemuva kokuthi i-IFP isabise i-ANC ngokuthi uma isebenzisana ne-EFF izolahlekelwa umasipala weTheku.
NgoLwesihlanu, i-IFP cishe yalahlekelwa isikhundla sayo sobumeya kulowo owayengenele ukhetho oluzimele olwalufakwe i-ANC ne-EFF – ngosizo lwamakhansela ayisikhombisa e-IFP avotele iqembu lawo ngokungaziwa.
Isivumelwano se-EFF ne-ANC besiyingxenye yokuchithwa kwesivumelwano sokusebenzisana kwe-ANC ne-IFP ngamakhansela abo.
Ubuholi bukazwelonke be-ANC kudingeke ukuthi bungenelele eJozini basabisa ngokuxosha wonke amakhansela azovotela owayengenele ukhetho ngokuzimela uSbonelo Mathenjwa njengeMeya entsha yaseJozini esikhundleni sikaFananaye Mathe we-IFP.
I-IFP iphinde yasabisa ngokuxosha amakhansela ayo ayisikhombisa okusolakala ukuthi ajoyine i-ANC ne-EFF ekuvoteleni umuntu ozimele.
“Sitshele ubuholi be-ANC ukuthi akuwona umdlalo lona, uma amakhansela abo enikeza umasipala waseJozini lowo ongenele ukhetho ngokuzimela ngokubambisana ne-EFF kumele avalelise kumasipala weTheku ngesonto elizayo,” kusho umholi wesifunda othukuthele.
Ngemuva kwemizuzu embalwa amakhansela e-ANC ahoxise owayengenele ukhetho lokuba yimeya ozimele avuna uMathe we-IFP, obe esekhethwa ngaphandle kokuphikiswa.
Iphini likaSihlalo we-IFP, uMnu Thembeni Madlopha Mthethwa, ukhathazekile ngamaqhinga e-ANC.
“Ngiphumele ngaphandle kwehholo ngiyofaka [ongenele ukhetho ozimele] ngaphakathi ngoba angifuni ukuthi i-ANC ibancenge ukuze ivune bona,” kusho uMadlopha Mthethwa obekhuluma nabanye abaholi be-IFP.
Omunye wabaholi be-EFF, ongathandanga kudalulwe igama lakhe, uthe abacabangi ukuthi bayoke bayixolele i-ANC ngoba bathathe isinqumo esingalindelekile sokuhoxisa ukwesekwa kwabo kwesobumeya okwavunyelwana ngaso ku-IFP.