Lubhalwe nguMlungisi Gumede
Kuhluleke ngisho sebelande uMnu Jacob Zuma ukuthi abakhankasele njengoba i-ANC ibhuquziswe i-IFP okhethweni lokuchibiyela edolobheni elisenyakatho yeKwaZulu-Natal, i-Dannhauser.
Iqembu liphinde labhekana nengwadla lihlulwa ewadini okhethweni lokuchibiyela obelungoLwesithathu.
UZuma ubeyothula inkulumo yakhe embuthanweni “wokuwina” ngeSonto ngaphambi kokuvota kanti lo mkhankaso umenyezelwe ngezingqwembe ezibekwe kulo lonke idolobha, ngokusho kombiko we-IOL.
Kodwa ngesikhathi kuphuma imiphumela kuvele kwacaca ukuthi abavoti bakule ndawo ebiyisizinda se-ANC abazange bahlabeke umxhwele. I-IFP ithole u-52% wamavoti, i-ANC yathola u-34%, i-EFF yathola u-12% ngesikhathi i-Abantu Batho Congress (ABC) yathola u-2%.
Leli wadi livuleke ngemuva kokuthi uMnu Mlungisi Dhlamini obeyikhansela le-proportional representation (PR) esule esikhundleni.
Ukulahlekelwa iwadi lesi-12 kuwuphawu lobunzima i-ANC ebhekene nabo e-Dannhauser. Ayigcinanga ngokulahlekelwa iwadi kodwa iphinde yahluleka ukulawula i-Dannhauser. I-IFP namadlelandawonye ayo sebenezihlalo ezingu-13 kwezingu-25 zedolobha.
Iqembu lizosigcina isihlalo semeya futhi manje lizothola isikhundla sephini lemeya nesikasomlomo.
Kolunye ukhetho lokuchibiyela KwaZulu-Natal i-ANC iwinile ewadini lesishiyagalombili eBuhlebezwe esiFundeni iHarry Gwala.
I-ANC ithole u-70%, i-IFP yathola u-20% ngesikhathi i-EFF ithola u-10%.
I-ANC ithole izihlalo ezingu-18 kwezingu-27 eBuhlebezwe. I-EFF iphume isibili ngezihlalo ezintathu. Lona umasipala wesibili lapho i-ANC eyenze khona kahle eHarry Gwala yathola u-64% wamavoti.
Leli wadi livuleke ngemuva kokudlula emhlabeni kwekhansela.
Esithombeni esingenhla: Abalandeli be-IFP
Umthombo wesithombe: IFP