I-ANC inqobe olokuchibiyela lwakamuva

Lubhalwe nguLungani Zungu

Ngemuva kokungenzi kahle isikhathi eside i-ANC ibe nesonto elihle yazivikela ngempumelelo zonke izigceme zayo ngesikhathi sokhetho lokuchibiyela ngoLwesithathu.

I-ANC igcine izigceme ezimbili eMpumalanga nesisodwa eKapa kodwa yehlile ngamavoti.

USamuel Ngobeni we-ANC uphume njengekhansela lesigceme sesine (Kamaqhekeza Naas) kuMasipala waseNkomazi okuyisizinda se-ANC. Uqoqe amavoti angu-68% ehlula uThando Thulani Sambo weqembu i-Able Leadership (AL) noRaymond Fenkie Mathibe we-EFF.

I-ANC yawina lesi sigceme okhethweni lohulumeni basekhaya lwanyakenye esikhundleni esavuleka ngemuva kokushona kwekhansela.

I-ANC iphinde yathatha isigceme sesi-15 (i-Ntombe Wittenberg) eMkhondo kuMasipala waseGert Sibande ngenani eliphansi kakhulu lamavoti uma kuqhathaniswa nokhetho lwanyakenye.

UMnu Sabelo Shoba we-ANC uqokwe njengekhansela lesigceme ngemuva kokuwina ngo-39%, okuyinani eliphansi uma liqhathaniswa no-48% awuthola nyakenye.

Ukwesekwa kwe-EFF kaJulius Malema kulesi sigceme kwenyuke kusuka ku-9% kwaya ku-22 nokuwuphawu lokukhula kwaleli qembu.

Lesi sigceme sasala singenalo ikhansela ngemuva kokushona kwekhansela.

Izimbangi ezinkulu ze-ANC, i-DA iwine izigceme ezimbili ebiziphethe phambilini eMpumalanga nase-Western Cape.

I-DA ivikele ngempumelelo isigceme sesi-25 (i-Trichardt Secunda) kuMasipala waseGovan Mbeki onesihlalo e-Secunda.

UNicholaas van Huyssteen we-DA ushaye izimbangi zakhe ngokuwina okugculisayo ngo-80% okunyuke kusuka ku-72%.

I-Western Cape iphinde yaba nesigcawu sombango oshubile wamaqembu ezepolitiki ahlukene abebanga isigceme sesi-38 elokishini laseNyanga eKapa kanye nesigceme sesi-17 kuMasipala wase-Drakenstein.

I-ANC igcine iwine lesi sigceme ngo-63%, okuyisibalo esehle sisuka ku-74% iqembu elawuthola nyakenye.

USuzanne Zumana we-ANC uzothatha izintambo njengekhansela kulesi sigceme. Lesi sigceme sivuleke ngemuva kokushona kwekhansela.

I-FF+ inikeze i-DA ivoti layo esigcemeni sesi-17 (Noorder Paarl) e-Cape Winelands phambilini eyayisiphethe njengesihlalo esiphephile se-DA.

I-DA iwine lesi sigceme yize ukwesekwa kwehle kakhulu kusuka ku-80% kwaya ku-49%.

I-FF+ inyuke isuka ku-13% yaya ku-41%.

ULorraine Cyster we-DA useyikhansela elisha lesigceme.

Phambilini lesi sigceme besiphethwe i-DA sase sisala singenakhansela ngenxa yokwesula esikhundleni kwekhansela.

Scrolla World Cup Quiz