Celani Sikhakhane
OwayenguMengameli wezwe uMnu Jacob Zuma, wake wathi i-ANC izobusa kuze kubuye uJesu.
Ukulahlekelwa ukwesekwa kwe-ANC kuyo yonke imikhakha emaqenjini aphikisayo kuleli sonto kuwuphawu lokuthi leli qembu elake laba namandla lisenkingeni enkulu – futhi lingase lihlulwe okhethweni lwango-2024.
NgoLwesibili i-ANC ilahlekelwe wumasipala okuwukuphela kwayo osenyakatho yeKZN uMkhanyakude ihlulwa yi-IFP.
NgoLwesithathu ishaywe kabili ngesikhathi ihlulwe yi-DA ne-EFF okhethweni lokuchibiyela lohulumeni basekhaya e-Tshwane nase-North West.
Umhlaziyi wezepolitiki, uDkt Ralph Mathekga, uthi lokhu kuyizinkomba zokuthi abavoti bakhathele yi-ANC.
“Ngake ngabikezela encwadini yami ukuthi i-ANC njengazo zonke ezinye izinhlangano ezilwela inkululeko ngeke iphathe iminyaka engu-30. Lokhu kuwuphawu lokuthi ngo-2024 kuzophela ngeqembu elibusayo. Inezinkinga eziningi eziphoqa abantu abaningi ukuthi bayibalekele,” kusho uMathekga.
Uthe kuyethusa ukuthi leli qembu lingahlulwa amaqembu ahlukene ngapha nangapha, kanjalo nje.
Kodwa uthe i-ANC ihlulekile ukuzilawula futhi kunezinxushunxushu eziningi emagatsheni.
Leli qembu liphinde lithinteke ngokuhluleka kwalo ukukhombisa ubuholi obunesimilo ezikhungweni zikahulumeni.
E-Tshwane, kwisigceme sika-96, i-ANC yehliswe ngehlazo yaba yiqembu elincane ngemuva kokuthi ithole u-5% wamavoti, ngesikhathi i-DA iwina ngo-43%.
E-Mafikeng, e-North West, kwisigceme sesihlanu i-EFF iwine ngo-68% ngesikhathi i-ANC ithola u-32%.
UMathekga uthe i-ANC izoba yiqembu lasemakhaya njengoba abavoti abaningi basemadolobheni bekhomba ngophakathi ezinhlakeni zenkululeko.
Omunye umhlaziyi wezepolitiki, uDawie Scholtz, uvumile ukuthi i-ANC izoba senkingeni ejulile ngo-2024.
Ngo-2016, ukuqhosha kukaZuma ngeqembu kuzobuya kuzoshaya i-ANC njengoba ilahlekelwe ngomasipala abaningi ababalulekile. Kodwa ngokhetho lohulumeni basekhaya ngo-2021 isimo saba sibi kakhulu njengoba yalahlekelwa omasipala basemakhaya.
Imiphumela yakamuva ikhombisa ukuthi ukwehla kweqembu elibusayo kuya ngesivinini.