I-ANC imise ubulungu baZuma

Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli wezepolitiki

Ngemuva kwamasonto ayisithupha kungenziwa sinqumo, izikhulu ze-ANC zinqume ukuhlehlisa ukuqondiswa kwezigwegwe kukaMnuz Jacob Zuma ezinye izinyanga eziyisithupha.

UZuma uselishiyile iqembu le-ANC usekhankasela iqembu loMkhonto Wesizwe (MK) futhi unxenxa amalungu e-ANC ashiya ubuthaphuthaphu eqenjini ajoyina umbutho wakhe omusha.

Ngokomthethosisekelo we-ANC, isenzo sikaZuma bekumele siholele ekutheni anqanyulelwe ubulungu ngokushesha kodwa abaphathi beqembu balushaya indiva lolu daba.

Umhlangano wezinsuku ezintathu wesigungu esiphezulu se-ANC ugcine uphonsele inselelo uZuma ukuba abhekane nezenzo zakhe, kodwa ubuholi obuphezulu banquma ukuthi amiswe kuze kube uqondiswa izigwegwe ngokusemthethweni.

USihlalo we-ANC kuzwelonke uGwede Mantashe obonakale eyiphebeza eyokuxosha uMsholozi, uxwayise ngokuthi isigcawu sokuqondiswa kwezigwegwe kukaZuma singase sibe nemiphumela ebingalindelekile ku-ANC ngaphambi kokhetho lwayo olunzima kakhulu selokhu yaqala ukubusa ngo-1994.

Amagatsha nezifunda ze-ANC bezifuna uZuma akhonjwe indlela ngaphambi kokhetho. Kodwa-ke, ubuholi abufuni ukuqala impi yepolitiki noZuma neqembu lakhe iMK abangahle babambisane nayo ngemuva kokhetho.

IMK, okuthiwa isihehe amalungu angaphezu kuka-300 000 KwaZulu-Natal kungenzeka ibe ingozi kwi-ANC nomfelandawonye we-IFP ngemuva kokhetho.

I-ANC ne-IFP kungenzeka bathole isibalo esincane samavoti e-KZN.

Umengameli we-IFP, uMnuz Velenkosini Hlabisa usexwayise ngobungozi bokuhlasela uZuma esidlangalaleni.

“UZuma neMK bayasisiza ukuthi sisuse i-ANC embusweni,” kusho uHlabisa.

IMK, esidonse izihlwele zabalandeli abangaphezu kuka-30 000 ewadini enkulukazi ye-ANC KwaZulu-Natal KwaXimba ngoMgqibelo, kulindeleke ukuthi ingene esikhundleni se-DA ne-EFF njengamakhosi akusasa esifundazweni.

Kunzima ukubalekela imicabango yokuthi uZuma osathembisa abalandeli bakhe ukuthi usayilungu le-ANC, angase akhe umfelandawonye neqembu elibusayo ukuze ahlwithe isifundazwe kumfelandawonye we-IFP.

Ngesikhathi i-ANC izolahlekelwa ngumasipala weTheku eKZN ngemuva kokhetho lomasipala lwango-2021, nguZuma owahlenga leli qembu.

UPhilani Mavundla ongumngani kaZuma, inhlangano yakhe i-Abantu Batho Congress (ABC) eyaba nevoti lokunquma kumasipala weTheku, wathola ucingo oluvela kuMsholozi ukuthi anike i-ANC umasipala omkhulu hhayi i-DA.

UMavundla wabe esegixabezwa ngesikhundla sokuba yiphini lemeya.

Kumanje i-ABC isibumbe umfelandawonye neMK yize uMavundla eyiMeya yaseMvoti (Greytown) ngokubambisana ne-ANC.

Esithombeni esingenhla: UJacob Zuma umatasatasa unxenxa amalungu ukuba ajoyine eqembu loMkhonto Wesizwe 

Umthombo: X

Izihloko zakamuva